Izindaba | 12
Friday, 02 May 2025
Makhosi Dube
UKUBONAKALA kukaKhanyi Mbau emcimbini wokwethulwa kwefilimu iMeet the Khumalos,
emasontweni ambalwa edlule kushiye abantu beshwashwatha, abanye bekhexile.
Le ntokazi ibibonakala okokuqala nobuso obusha emuva kokuvela kwi-video ezinkundleni zokuxhumana phambilini nobuso obuvuvukele, ithi isohambweni lokuphola njengoba ibiyolungisa ubuso phesheya.
Ukubonakala kwalo saziwayo ongomunye
wabalingisi kwiMeet the Khumalos, kunyakazise izinkundla zokuxhumana. Babodwa abakhale ngokuthi ishiswa yimali, abanye badonsa izithombe zayo ibukeka ngezindlela ezahlukene, baveza ukuthi sengathi selulude uhambo lwayo
nokuzilungisa.
Kungalesi sizathu leli phephandaba linqume ukuba libheke isimo sengqondo esaziwa ngokuthi yiBody Dysmorphic Disorder (BDD)noma iBody Dysmorphia.
Singayichaza sithi yini iBody Dysmorphic Disorder (BDD)
I-BDD iyisimo sengqondo lapho umuntu ekhathazeka ngokwedlulele ngendlela abukeka ngayo nangezici anazo noma ngabe lezo zici kazinakekile noma kazibonakali kwabanye.
Uba nokukhathazeka ngangendlela yokuthi lokhu kuyamphazamisa ekutheni aphile ngendlela ejwayelekile, ahlale edinga ukuqinisekiswa ukuthi muhle futhi ubukeka kahle. Ugcina esezama izindlela zokubukeka ehlukile kulokhu abantu abamazi eyikho.
Baningi osaziwayo eNingizimu Afrika osekuke kwanezinkulumo zokuthi kukhona abakwenzile emizimbeni yabo, njengoba bengasabukeki ngendlela ababebukeka ngayo phambilini. Abanye bawuhlabe inhlali kodwa bakhona abaphumele obala ngokuzishintsha kwabo.
NguNomasonto Maswanganyi owayedume ngelikaMshoza.
Intokazi ebingumculi engasekho emhlabeni, uNomasonto Maswanganyi, eyayidume ngelikaMshoza, yathusa abaningi imemezela ukuthi isishade nosomabhizinisi waseMpumalanga, uMnu Jacob Mnisi. Kwathi kusalalelwe lokho, yaveza ukuthi iphuma phesheya, kade iyofakela izinqe namabele. Yathi isihlukanisa nomyeni wayo (uMnisi), yamemezela ukuthi isizikhiphile lezo zinqe namabele, yafaka okusha.
Ngaphambi kokuba adlule emhlabeni uMshoza, wakucacisa ukuthi ngenxa yokuzilungisa enza
ama-plastic surgeries, ingono yelinye lamabele akhe kayisenawo umuzwa.
Ngumculi uKelly Khumalo.
Nomculi uKelly Khumalo waphumela obala ohlelweni lukaDevi Govender, iThe Devi Show
kwi-etv, wathi kukhona akusebenzisayo ukukhanyisa ibala lakhe (akugagula ngegama).
Yini engabangela ukuthi umuntu abhekane nalesi simo?
• Yingcindezi yokuhlale eqhathaniswa nabanye;
• Yisigaba esithile sokukhula (Teen Stage) nezitshudeni;
• Ukwehlelwa yisigameko esithile empilweni esikushiya uhlukumezekile;
• Wufuzo;
• Wukuphazamiseka ngandlela thize engqondweni;
• Wukuba semehlweni abantu njengokuba ngusaziwayo;
• Nokungazethembi (Low Self Esteem).
Ubonakala kanjani umuntu oneBDD?
• Uzinaka ngokweqile, ahlale ezilungisa, omunye ahlale ejamele isibuko;
• Ukuzivocavoca ngokweqile, agade ngokwadlulele izinto azidlayo. Abanye bayadla, bakubuyise lokho kudla ukuze bangakhuluphali okungena ngaphansi kwesigulo iBulimia;
• Wukungahlanganyeli nabantu noma ukuya emicimbini nasezixukwini ngenxa yokusabela ukuqhathaniswa nokwahlulelwa.
Ubungozi beBDD?
Ukungasukunyelwa kwalesi simo sengqondo kwenza umuntu azilungise aze azone, agcine esebukeka ngendlela emdonsela amehlo abantu bamhleke.
Lokho kuhlekwa kumenza afune ukulungisa umonakalo osudalekile, okuqhubeza phambili isimo nomonakalo, achithe imali eningi ekhokhela odokotela abazomlungisa.
Uba ngumuntu oba nengcindezi ngokwadlulele, aze abe nemicabango yokuzibulala.
Ngezansi yizithombe zosaziwayo baphesheya abangasali ohlwini lwabagxekwayo ngokwenza
i-plastic surgery
Ngumculi uMichael Jackson (ongasekho).
Ngusaziwayo uJocelyn Wildenstein owaduma ngeleCatwoman ngenxa yokoneka kobuso.
Leli phephandaba lithole uvo lukameluleki wezengqondo (Psychologist) uNkz Sikhulile Ngobese, ukuzwa ukuthi abansundu bangabhekana kanjani nalesi simo.
Umeluleki uthi yize kungajwayelekile ukuba abantu basukume ngoba bebhekene ngqo nenkinga yeBody Dysmorphia, ngoba abaningi basuke bengazi ukuthi banenkinga, uma bazi basuke bengazi ukuthi bazoyibiza ngaliphi igama. Kodwa uthi iye ivele kwabanye abasuke beyombona ngenxa yolunye uhlobo lwezinkinga njenge-anxiety, i-depression nokunye.
Uthi mayingashalazelwa into umuntu ayenza ngokweqile abantu bathi, "vele wumthetho wakhe lo uzithanda ngokweqile," ngoba ikhomba ukuthi kunenkinga.
Angasizakala kanjani umuntu oneBDD?
UNkz Ngobese uthi: "Kufanele uma umuntu enento emkhathazayo, asukume athole noma atholelwe usizo lokwalulekwa ngoba kugcina kuvela ukuthi le nkinga esobala inesisusa esicashile, mhlampe kokunye esijulile.
Ubumqoka bokwalulekwa busekutheni abeluleki bayakwazi ukuthola isisusa senkinga, bakwazi nokusiza ukuguqula (reframe) indlela umuntu azibona ngayo.
Wenze isibonelo sokuthi omunye uma egqoke kahle kwakhona omphoxayo noma ongamncomi, uba nawo umuzwa wokufuna ukuziguqula.
Uthi: "Lesi simo kasiyekeki kalula, sidinga abeluleki ukuba basebenzisane nodinga usizo ukuze asizakale.
Yiziphi ezinye izaba ezingazanywa?
• Udinga ukulalelwa, ningazichitheli izandla izinkonondo zakhe ngezinto angajabule ngazo;
• Ningagxeki kumbe nigqamise izinto eziyizici kuye;
• Mkhuthazeni, nincome indlela abukeka ngayo;
• Mtholeleni izinkundla lapho engathola ukwesekwa khona njengama-support groups;
•Mxwayiseni ekutheni angasheshe athathe izinqumo zokuzishintsha engakacabangisisi.