Izindaba | 06

Friday, 02  May  2025

Umlingisi uxwayise intsha ngomkhakha wezikaqedisizungu 

ULondeka Mchunu uthi yize kumnandi ukuduma, kodwa kunezingqinamba zakho

Ukhuthaza abantu ukuba bangagxili emkhakheni owodwa kodwa basabalale...

Image

Ngumlingisi uLondeka Mchunu

Linda Ximba                                                                            

INTANDOKAZI yomlingisi wakumabonakude uLondeka Mchunu, idonse intsha yaseNanda ngendlebe, ukuthi ingalinge icabange ukuthi uma ukulo mkhakha uphila impilo ewubukhazikhazi, nokuthi imali ihlale ibuzwa kuwe.

ULondeka, oseyibambe endimeni yokulingisa iminyaka ecela eshumini emidlalweni ehlukahlukene, ubengesinye sezimenywa esiqavile emcimbini we-Imizamo Social Development Foundation, ebiyenzelwe eMqhawe Sports Ground ngoSuku lweNkululeko.


Le nhlangano engayenzi inzuzo ihlelele
 intsha nabafundi basezikoleni zaseNanda ekugcine kufika uMqhawe High neNkosinathi High, ebheme yakholwa ngekuzuzile i-career expo.

ULondeka, odlala indawo kaZanele Zwide kuHouse of Zwide edlala ku-etv ngo-7pm kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, utshele intsha ukuthi yize kubukeka kumnandi ukuduma kodwa kunezingqinamba, iningi lozakwabo okubalwa naye, ababhekana nazo.

Image

“Ngicela ukunicebisa zingane zakwethu, ukuthi nenze ucwaningo ngaphambi kokukhetha imikhakha enifuna ukungena kuyo. Yebo khona kumnandi ukuduma nokubungazwa ngabantu emigwaqweni nasezinxanxatheleni zezitolo.

"Iqiniso lithi asiqashwa njalo kulo mkhakha. Lokho okuchaza ukuthi kumele uphante ngenye indlela. Mina senginqume ukuxuba ukulingisa, ngibuye ngibe umbhali wangasese (script writer) ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo.

"Njengoba ngike nganyamalala kancane kuHouse of Zwide, bengisebenza busithe kuwo lo mdlalo,” kusho uLondeka.


Le ntokazi edabuka eMsinga kodwa esizinze eGoli nesike yabonakala emdlalweni Isithembiso ne-Isibaya, isike yahlabana ngezindondo zeBest Newcomer Actress on TV neBest Supporting Actress on TV kumaSimon “Mabhunu” Sabela Film & TV Awards.

Ithe ifisa ukuthuthukisa intsha yasemakhaya ngokuyicobelela ngesikufundile empilweni ikhulela emakhaya yadlulela eClermont, eThekwini njengoba isizinze eGoli.


Usihlalo we nhlangano uNkk Nosipho Ngcobo, ubonge izihambeli ebezivela emkhakheni wezobummeli, onjiniyela, abezemidlalo, amaphoyisa nosomabhizinisi abazimele, ezicathulise intsha.

Ubonge ngokukhethekile uMnu Sithabiso Ngcobo ongumnikazi wenkampani esemkhakheni wokwakha, Umbuso Wamaqadi, odlale enkulu indima ngokuhlanganisa okuningi kulo mcimbi, sekuvalwe amehlo.

Uhlelo beluphethwe ngobunono umsakazi weNanda FM, uPro Ndlovu, osanda kukhipha incwadi esihloko esithi, From Prison to Palace, ngemuva kokudonsa isigwebo secala lokubulala 'angalenzanga' iminyaka eyisikhombisa.