Izindaba | 05

Friday, 02 May 2025

Image

Iphithizelise izinkundla zokuxhumana indelelo kaSne Mseleku


USne wezwakala kwenye yama-podcast, ethi akabafuni onina ngoba kabakaze bamkhombise uthando


Lucky Cain

KUPHITHIZELE izinkundla zokuxhumana, kwahlukana imibono ngesiqephu sohlelo Uthando Nesthembu, esikhonjiswe ngoLwesithathu lapho indodakazi kaMseleku uSnenhlanhla (osesithombeni esingenhla nangezansi), ekhombise enkulu indelelo komunye wonina bakhe, uNkk Mbali MaNgwabe, Mseleku.

Kulesi siqephu uSne oyindodakazi endala kaMusa Mseleku, ushiye angalazi, kwasala kancane ukuthi uMaNgwabe ambeke isandla.

Udweshu luqale ngesikhathi uMseleku ebiza umhlangano wokuthi kube nokubuyisana phakathi kukaSne, uNkk Thobile uMaKhumalo, uMpilo Mseleku noMaNgwabe
.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba uSne wezwakala kwenye yama-podcast, eveza ukuthi akabafuni labo nina, ethi  abakaze bamkhombise uthando, wathi uMaNgwabe waze wakhulumela nokudla ngesikhathi ekwakhe.

Kulo mhlangano walesi siqephu obubizwe nguMseleku,  kawuthathanga isikhathi eside njengoba uSne ekhombise ukungakwamukeli ukufika kukaMaNgwabe noMaKhumalo kuwona, njengoba yena ebazi ukuthi uzohlangana noyise kuphela.




Image

USne ukhombise indelelo ngesikhathi ephuma, eshiya umhlangano usaqhubeka ngemuva kokuphikisana kulandela ukuba uyise embuze ngembangela yokungezwani kwakhe nonina bobabili.
Kuthe uSne eduba umhlangano, uMaNgwabe wamlandela, efuna izimpendulo ngenkulumo yakhe, yokuthi ubengamfuni.

Kube yilapho khona kube nokuqophisana,  uMaNgwabe ekhumbuza uSne izinto amenzela zona ngesikhathi exoshwe nguMaCele kulandela ukukhulelwa kwakhe. UMaNgwabe umkhumbuze ukuthi wahlala emzini wakhe isikhathi esingangonyaka, waphinde wamthengela negilosa. UMaNgwabe usole uSne ngokuba nesifo sokukhohlwa (amnesia)  ngokungazikhumbuli zonke izinto abemenzela zona.

Kukhona konke lokhu, noSne ubengazibekile phansi naye, ephendula, ekhombisa ukungamhloniphi uMaNgwabe njengomunye wonina. Uqhubekile nokuveza ukuthi vele akamthandisisi kahle uMaNgwabe, futhi akanandaba naye.

Ngemuva kwalesi siqephu, abantu ezinkundleni zokuxhumana baqhamuke nemibono eyahlukene ngale ngxabano,  abanye besola uSne ngokunga-mhloniphi unina.

U-@zizithebadgal kwi-X (Twitter), uthe bekuzoba ngcono ukuba uMaNgwabe umsakaze ngempama uSne. 
"USne udinga usizo lokwelulekwa ngengqondo ngoba uyathanda ukuzenza isisulu. Akahloniphi futhi akafuni ukumelana neqiniso," esho kwi-X.

Abanye bamncomile uMaNgwabe ngokuba ngumama oqotho kulandela ukuthi amlandele uSne, angayiyekeli le ndaba ingalungisekile .

UHlelo Uthando Nesthembu olukhonjiswa kuMzansi Magic ngoLwesithathu nangoLwesine, lukhombisa ukuba nentshisekelo kubabukeli njengoba luveza kabanzi ngempilo ephilwa wumndeni wakwaMseleku.