Izindaba | 04
Friday, 02 May 2025
NguMondli Makhoba othembisa into ecokeme njengoba esengomunye wabalingisi beSitha.
Thandi Zondi
ISILOMO somlingisi uMondli Makhoba, sizobonakala emdlalweni wakumabonakude Isitha, otshengiswa ku-etv ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-21h30 ebusuku.
Kulo mdlalo uzolingisa indawo yokuba yisikhulu samasosha (General), nathi kumphosele inselelo ukuyilingisa.
"Esimweni esiphila kusona eNingizimu Afrika, kunzima ukuthola abantu bomthetho abaqotho. Esikhundleni sokuthi sibalekele kubona, sigcina sibalekela bona. Njengomlingisi, kababi khona abantu ongabukela kubona, nokugcina sekuyinselelo," echaza.
Uthi indawo azoyilingisa, ingeyomuntu womthetho kodwa ongaqondile.
"UGeneral uphethe, uyindoda ebukeka izithembile, umuntu ofuna ukuhlonishwa ngezenzo, kodwa uma ungamhloniphi, ukuyisa kwagoqanyawo," esho.
Libuza ILANGA Lempelasonto okungalindelwa kuGeneral uthe: "Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuqinisekisa ukuthi ababukeli bayayithokozela indawo engizobe ngiyidlala. Ukulingisa kuzoqhubeka nokuba sezingeni noma ngaphezulu," kuchaza uMakhoba.
Lo mlingisi waziwa kakhulu ngezindawo azidlalayo ezinesithunzi, echaza ngazo uthi: "Mhlawumbe yisipho enginaso ekudalweni kwami, indlela engiyiyo noma engiziphatha ngayo."
Ephawula ngokungalindelwa emdlalweni othandwa ngabaningi uShaka iLembe ozobuya ngoJuni alingisa kuwo indawo kaNgomane kaMqomboli uthe: "UNgomane usazoqhubeka abonakale etshengisa ukuthembeka.
"Ujutshwa uDingiswayo ukuba ahambe noShaka ayokwakha ubukhosi, nakhona uqhubeka nokuthembeka esihlalweni."