Izindaba | 14
Friday, 19 September 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Ufisa Ukuyoxolisa oNyazini 'Obepikla' Ngokuswenka
Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
NGUNKK Saneli Ngcobo, uMaShozi (43), waseMangangeni, ePinetown.
Buzabona Buthelezi:
Nakhuya!
Senzokuhle Sgebhuza:
Wenza kahle aye koxolisa, akukakaze kushunyayelwe kanje kuleli bandla. Bengisathukile ukuthi le ntshumayelo uyithathaphi ngoba uzwakala njengomuntu ochomela abathile.
Thabani Chili:
Hhayi bo, akukho oku-wrong akushilo lowaya sisi, ubezenzela amancoko ngokuchoma nje😁😁
Temaswati Isichaka Esiziqhenyayo Shongwe:
Bekuyintshumayelo yini vele leya endlini yeNkosi? Makaxolise kulab' omama athi bayamazi, naseMarriannhill yonke noMamdekazi🤣🤣🤣
MakaNokwanda Mzukulukamandawo Nomahlalokhambeni Mdolomba:
"Ngiyayidla inyama mina" 🤣
Xolani Gumede:
"Noma singahlanganiswa ehholo ngingaphuma uNumber 1, nge-wear mina, ngiyabheja ngami" 😂
MaHlomuka Ngidi:
Hawu umama kakotini!
Linda Ijaccuzi YeNdlamlenze Mthembu:
IMarriannhill yonke uhamba yedwa loya mama ngokugqoka, ushilo.
Jijimbane Msalazabiwa:
Nakhona lichoma ngelutho njalo. Hhey ngoba abantu besifazane kwesinye isikhathi 🚮
Sabelo Ka Ndukuzakhe Cele:
Uxoliselani, kanti wenza iphutha yini?
Thabani Ndlovu:
Ufuna ukuyoxolisela ukuswenka ukudlula wonke umuntu lapha ngakithi?
Qondsile Qondie Sbisi:
"Mina ngidlinyama kwami, kodwa angisebenzi."
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Akahlambalazanga muntu nje, uzoyoxolisela ukuthi wenzeni?
Philan Khuzwayo:
Wayethi wenzan vele lowaya mama?🤔🤔