13 | Izindaba

Friday, 19 September 2025

 Hlela izindlela zakho zamaholide kusenesikhathi

Kusukela ngo-Okthoba, amanani akhuphukela kwawebhizi (peak season)

IShaye Izule noZandile Tembe

Image

KUYONGA ukuhlelela uhambo lwamaholide kusanesikhathi, ukuze ugweme ukuchitha imali yakho yebhonasi ngendlela engahlelekile.
Uma ubungakaluhleli uhambo lwakho lwamaholide, kuzoba nzima ukuba nohambo  olungeke lukudle kakhulu ephakatheni.

Ukuze wonge imali yakho, ukwazi nokuthokozela iholide lakho, kuyasiza ukuqala kusenesikhathi ukonga. Amaholide akunika ithuba lokuthokozela imoto, ubone namandla ayo ungaphuthumi, futhi unesikhathi esanele.

Image

Uhambo olude ngemoto lukongela imali, luphinde lukusize ekuphatheni izimpahla ezanele, kunokusebenzisa ibhanoyi. Kanti lokhu kubiza ukuba usheshe uhlele ukuze wonge ngenhloso yokusala nemali ezokuthwala ngokuqala konyaka ozayo.

Izinyanga uSepthemba no-Okthoba, yizona zinyanga ezikusalele ukubeka nokukhokhela iholide lakho, umndeni nabathandiweyo bakho. Lokhu kungenxa yokuthi kusukela ku-Oktoba amanani azo zonke izinto ayanyuka abe ngawama-peak season, okuyisikhathi lapho wonke umuntu ezijabulisa ngaso ngokuvakasha.

Image

Iningi labantu lisebenzisa ubuhlakani kwezemali, likwenza lokhu ngokuvula ama-akhawunti okonga ukuze imali ingaphazanyiswa ngezinye izidingo. Ukonga imali kwi-akhawunti ezimele, kusiza ekubekeni imali kaphethiloli, ama-toll gates, nezindleko ozithola ohambweni lwakho, uphinde ukwazi ukuba nokheshi wokuthenga kosomabhizinisi abazimele, obathola endleleni yakho.

Image

Enye indlela ongahlakanipha ngayo kwezemali lapho ufisa ukuthatha iholide, ukungalindi uze uvakashe ngesikhathi sesiphithiphithi, kodwa vakasha ngaphambi  kokuqala kwawo. Lokhu kukwenza uthole amanani esaphansi, nezipesheli zakhona ezisiza uhambo lwakho lungambi eqolo.

Enye wukuvakashela izindawo ezisesifundazweni sakho, ezingadingi ukuthi uze ubhukhe amabhanoyi, nokukuphoqa ukuba uphinde usebenzise enye imali ubhukha imoto ozohamba ngayo phansi.

Bheka futhi namanani ezinsuku ezihlukahlukene. Amanani aphakathi nezinsuku ajwayele ukuba phansi kunawangezimpelasonto. Ukuya eholideni ngemoto yakho kusiza ukwazi ukuzenzela umphakho wakho ukuze ungakhokhi imali enkulu yokudla kwasezindaweni ezidayisa ukudla.


Uma usuyikhethile indawo ozochitha kuyo iholide lakho, kubalulekile ukuhlola imizila eyahlukene ongayisebenzisa. Lokhu kusiza ugweme ukubambezeleka endleleni, okugcina kudla uphethiloli wakho, uphinde uhlele nezindawo ongama kuzo, uthathe ikhefu.

Image

Enye yezindlela ongonga ngayo ohambeni lwakho, wukugwema ukusebenzisa izindawo ezivame abavakashi. Ezinye zalezi zindawo zigcina sezibiza amanani aphezulu, ngenxa yakuthandwa kwazo nokuhanjelwa ngabantu abaningi.

Nakhu okumele ukubheke ngaphambi kohambo lwakho okubhekene ngqo nemoto yakho: -

Bheka isimo sawoyela, yikhulenti (coolant), amafutha amabhuleki, nazo zonke izingxenye zemoto ezidinga amanzi noma amafutha, ukugwema ukukhokha kakhulu lapho kuba nenkinga ohambeni lwakho.

Gcwalisa umoya emathayini akho, uwashintshe lapho esephelelwe isikhathi emgwaqweni, aqondiswe kahle ukuze wonke abhalanse.

✅ 
Hlola amabhuleki akho, ulalelisise lapho kunemisindo ongayiqondi, ukuze uwayise kumakhenikha osemthethweni kusanesikhathi.

Hlola amalambu wonke emoto yakho; awangemuva nawangaphambili, awamabhuleki nalawo omhlahlandlela (indicator lights).

Qinisekisa ukuthi i-battery yemoto yakho ishajiwe (charge) ngokwanele, kanti isakulungele ukushayela.

Hlela kusenesikhathi izimpahla nezikhwama ozohamba nazo ukuze imoto ingasindwa endleleni, nawo wonke umuntu abe nendawo eyanele, anethezeke.

Khumbula ukuphumula ngokwanele ngaphambi kokuthatha uhambo lwakho ngemoto, ukuze ube nohambo oluphephile, uhloniphe, uphinde uqaphele nemithetho yemigwaqo.

Image

Thola ama-App azokusiza endleleni uma uya endaweni yokuvakasha okokuqala, ukuze ungaduki noma uzithole endaweni engaphephile.