10 | Ezikaqedisizungu 

Friday, 19 September 2025

Image

Woza  Nazo Mzala!

I-TLB ayizithokozise ngokuzihlonipha emphakathini

Kade ukhuzwa zolo lokhu, khuzeka

KANTI yini le eyenza izinsizwa zingakhuzani uma kukhona ebonakala engathi iyowela eweni.

UMzala imphathe kabi le yokubona umdlali we-Orlando Pirates uMbekezeli 'TLB' Mbokazi ehleli phambi kwamabhodlela ayinqwaba otshwala namantombazane lawa akade ekhuzwa ngawo.

Kulungile, impela insizwa ibijabule ngemuva kokunqoba umdlalo wabo neStellies, kodwa-ke le video esabalele ehleli nabakhaya bakhe bezithokozisa ayishiyi isithombe esihle.

Nsizwa yami, ake ubheke abadlali abangaphambi kwakho ukuthi yini edicilelele phansi isithunzi sabo, futhi yabawisa bese uyabuya uzongitshela impendulo.


Image

 Siyakubongela ngokuthola uthando mfundisi

 UMzala useyobona ngesimemo-ke Nyambose...

He..he..he hhayi bo! weKhaya Mthethwa yini le uMzala ayizwayo ngale ezitaladini zaku-X (Twitter), phela bayazishwashwatha, akukho okubeqayo.

Lalela-ke, ngizwa bethi wena noSine Ndlovu niyajola....kuthiwa lo ongumawengane kasomabhizinisi uMax Mqadi.

He...he..he mfundisi!! Hhayi angiyikholwa le! Kulungile-ke Nyambose phela nawe ungumuntu, engizokushiya nalo nje ngelokuthi ungakhohlwa phela ukuletha isimemo somshado kuMzala.

Angithi phela iSilo besesiwukhuzile lo mkhuba wokungashadelwa...ehhe enza okufanele nkosana.


Image

  Engabe ubuxolisa ngempela yini 
we-Enhle?

 Udilitheleni ntombi kanti ubungaxolisi yini?

UMZALA uyazibuza uyaziphendula ngesixoliso sika Enhle Mbali Mlotshwa, sokubiza izinwele zabamnyama nge-kaf... hair, njengoba eseqoke ukuthi asidilithe ekhasini lakhe.

Engabe besiphuma enhlizweni noma ubuxolisa nje ngoba ubona abantu sebekuhlasela ngokushilo. Kodwa-ke kungathi abamnyama sebelwe kangaka ukuba kwamukelwe izinwele zabo zinjengoba zinjalo, bese wena ntokazi uzozibiza nge-kaf... hair.
Kanti uphila komuphi umhlaba?

UMzala uzwe enengeka yilaba abathi yigama izinwele zabamnyama ezibizwa ngalo leli. Hhawu, hhayi likhulu ibanga okusamele lihanjwe, kanti anizibizi nge-afro izinwele zenu?