09 | Izindaba
Friday, 19 September 2025
Ngesinye sezigameko esashiya kukhalwa
KwaZulu-Natal, emuva kwezikhukhula ezadiliza ngisho izakhiwo ezisezindaweni ezethenjwayo, izindawo zabadla izambane likapondo.
Bheki Ndlovana
USOSAYENSI owaziwayo emhlabeni, udide abantu ngendaba yesimo sokuguquguquka kwezulu (climate change), esidala izinkinga eziningi emhlabeni.
Lo sosayensi onguDkt Bjorn Lomborg waseDenmark, wakhe isithombe sokuthi lesi simo sokuguquguquka kwezulu, esithathwa njengesidinga kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo emhlabeni, asisibi ngale ndlela esichazwa ngayo, wathi kunehaba kwezinye izinto ezibikwayo ngaso.
Ngusosayensi onguDkt Bjorn Lomborg, waseDenmark.
Ubekhuluma emhlanganweni obekuhlangene kuwo izikhulu emikhakheni wamabhizinisi, owezemvelo, nabatshalimali, kudingidwa ngendaba yayo le nkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni.
Lo mhlangano obuseSandton, eGoli ngeledlule, ubuhlelwe yiStandard Bank.
Ephawula uDkt Lomborg uthe, abantu abaningi bacabanga ukuthi lesi simo sokuguquguquka kwezulu zizowushabalalisa umhlaba, kodwa empeleni akunjalo. Uyakuvuma nokho ukuthi yisimo esiyinkinga lesi simhlabeni.
Inkinga yezikhukhula ihlasele emhlabeni jikelele, njengoba nakwamanye amazwe kukhalwa esifanayo.
Uthi ulwazi locwaningo lwe-Intergovernmental Panel on Climate Change (IPCC), okuwuhlaka olungaphansi kwe-United Nations (UN), olucwaninga ngokuguquguquka kwezulu, alukuvezi ukuthi umhlaba uyagoqwa ngenxa yalesi simo.
Le nkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu okukhulunywa ngayo cishe nsuku zonke, ibandakanya nesimo sokwenyuka ngendlela engajwayelekile kwezinga lokushisha emhlabeni (global warming).
Uthi inkinga yokwenyuka kwezinga lokushisa emhlabeni, kuyinto ekhona futhi edalwa wukuziphatha kwabantu, kodwa imvamisa ibekwa ngendlela engeyona, enehaba.
I-Cape Town ingezinye zezindawo ezaziwayo eNingizimu Afrika ngokuthi zihlaselwa kakhulu yimililo yequbula, okudalwa wukuguquka kwesimo sezulu.
Okudida kakhulu ezintweni ezishiwo nguDkt Lomborg, wukuthi izigameko ezithathwa njengophawu olucacile loguquko esimeni sezulu; njengezikhukhula, yiziphepho, imililo yequbula njalonjalo, ziyehla uma kuqhathaniswa neminyaka eminingi edlule.
Lokhu kuyaphambana nesimo esibonwa ngabantu abaningi abacabanga ukuthi iyaqonga inkinga yalezi zigameko zesimo sezulu.
KwaZulu-Natal nje, okungenye yezindawo esezivame ukuhlaselwa yizikhukhula, imibiko yocwaningo iveza ukuthi ziyanda izigameko zenhlekelele yezikhukhula.
Ocwaningweni olwenziwa nguSolwazi Stefan Grab wase-University of Witwatersrand, ngokubambisana noSolwazi David Nash wase-University of Brighton,
e-United Kingdom (UK), kutholakale ukuthi KwaZulu-Natal izigameko zezikhukhula sezenyukile esikhathini esilinganiselwa ekhulwini leminyaka (century) noma ngaphezulu.
Sekuyisinkwa semihlangemihla KwaZulu-Natal ukuthi uma linine kukhona abazosala dengwane futhi kuzosala umonakalo ongalungiseki.
Kanjalo nesimo semililo yequbula ehlaselayo emhlabeni kukholakala ukuthi nayo idlange kakhulu uma kuqhathaniswa neminyaka edlule, kodwa uDkt Lomborg uthi asisibi isimo sale mililo ngendlela esibekwa ngayo.
Empeleni uthi liyehla izinga lokuqubuka kwale mililo uma kuqhathaniswa isikhathi samanje nesikhathi seminyaka esukela ko-1900.
Ebuzwa yiLANGA Lempelasonto ukuthi ngabe ngubani osabalalisa imibiko engelona iqiniso ngale nkinga yoguquguquko kwisimo sezulu, nokwenyuka ngamandla kwamazinga okushisa emhlabeni, nokuthi ngabe labo ababhebhethekisa le mibiko edukisayo bahlose ukuzuza ini, uvele wakhomba abezindaba, ikakhulukazi abamaphephandaba.
Uthi yiwona abika ngendlela enehaba, edukisayo.
UDkt Bjorn uyaziwa-ke uvamisile ukukhuluma noma ukushicilela imibiko yocwaningo equbula inkulumo mpikiswano.
Kusukela eminyakeni edlule, useke wagxekwa kakhulu ngabanye ochwepheshe bezemvelo nososayensi, bemsola ngokuthi uyanhlanhlatha futhi akanaqiniso. Abanye banongabazane ngemithombo yolwazi (data source) alusebenzisayo uma enza ucwaningo.