08  | Izindaba

Friday, 19  September 2025

Kulobe 
uMthobisi Sithole

Ezemfundo

Buzogadwa ngobuchwepheshe ubugebengu ezikoleni


Kuzoqalwa ezikoleni ezaziwayo ukuthi kudlalela kakhulu izelelesi....

Image

NGUNDUNANKULU uMnu Thami Ntuli.

ZIZOGADWA ngobuchwepheshe izikole KwaZulu-Natal, njengoba sekuqalwa uhlelo lokuthi zifakelwe amakhamera.

Lokhu kudalulwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, ophinde aphathiswe isikhundla sokuhola uMnyango wezokuVikelwa koMphakathi kulesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli ngoLwesine esithangamini sabezindaba eMayville, eThekwini ngesikhathi kusayindwa isivumelwano phakathi komnyango wakhe, owezemfundo namaphoyisa ezingeni lesifundazwe.

UNtuli uthe uhlelo olusha luzoqalwa ezikoleni ezaziwa kakhulu ngokuthi kudlalela kuzona izilelesi. Uthe okwamanje lolu hlelo lwabelwe u-R1 million.

Image

Uthe ngo-2024 kushone othisha abane, befela emagcekeni esikole. Uveze ukuthi abakwenzayo, kuyimizamo yokulwa nobugebengu nokuvikela izikole okuyizona ezakha umphakathi.

"Ubuchwepheshe bokugada ngalelizinga, sibusondeza ezikoleni kodwa abuqedi izinhlaka zokuphepha esinazo ukuba zibambisane, ziqhube umsebenzi wazo ebeziwenza wokugada emphakathini.

"Izikole kumele ziphephe, kungabi yindawo yezigebengu njengoba bezingena, zikhuthuza othisha ngaphakathi ngesikhathi sokufunda nokufundisa. Sifuna konke lokho kungabe kusenzeka, izikole zethu kube yindawo ephephile yokufundela, eqhakazisa ikusasa labafundi,"esho.


Uveze ukuthi abazali banomthwalo wokuvikela izikole, bangavikeli izigebengu. Uthi noma ngabe awukho ugesi, azokwazi ukusebenza amakhamera elekelelwa ama-solar.


"Alukho ulwazi olugcinwe yikhamera oluzohlala esikoleni. Ukubuka konke okwenzeka esikoleni, kuzofakwa kumakhalekhukhwini kathishanhloko, usihlalo wesigungu sabazali bezingane zesikole, nasesiteshini samaphoyisa esakhelene nesikole," kusho uNtuli.

Uthi izinga lamakhamera afakiwe njengamanje lisezingeni eliphezulu kakhulu.


"Siyathembisa ukuthi lolu hlelo luzolekelela kakhulu," esho.


UNgqongqoshe wezeMfundo obambile KwaZulu-Natal uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa uthe bajabule ngemizamo yomnyango wezokuVikelwa koMphakathi. Uthi izikole zibaluleke kakhulu esizweni, okufanele kubanjiswane ukuvikelwa kwazo.

mthobisis@ilanganews.co.za