14 | Izindaba
Friday, 19 June 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Ushaqiswe wukuxoshwa kwi-Arrows engazi uMngqithi, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Thembinkosi Sithole:
Kanti bafuna nhloboni ka-coach?
Nelson Sbusiso Zikhalie:
Bafuna ukubuyisa loya coach weZimnyama owayewina ama-cup.
Nkanyiso Khoza:
I-Arrows iya ehlathini next season.
Pitso Ngcobo:
Lesi sigogwana esiwuMato sizowisa i-team.
Thamie Magubane:
Ngifisa azoba yi-Assistant Coach kwiKaizer Chiefs.
Khaayaa Chonco:
Lokhu okuyiSafa ake kunike yena uManqoba ithuba lokuqeqesha iBafana Bafana uma kuphela iWorld Cup.
Mbaba Ntombela:
Uma engaya kwiChiefs bomenza esikaZwane, kungcono amane aziyele kwiMilford.
Henry Radebe:
Kukhona umphathi ofikile noma okhushuliwe oxova i-team?
Nkalakatha Nkalakatha:
Bazobuye bamlande ngoba ngeke alaste kwiChiefs.
Ndlovu Mleandy Lindoh:
Kuyafana, after 2 seasons, usazobuya. 😁😁
Ndlovu Mleandy Lindoh:
Kuyafana, after 2 seasons, usazobuya. 😁😁
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
Kazi imdedelelani bakithi ngoba ubesenza kahle?
Mlambo Lastborn:
Usebenza kahle if eyi-assistant coach.
S.Jabulani Mngomezulu:
Ehlathini elimnyama bafana.
Zimisele Msomi:
Kodwa weChiefs kazi nikhamisephi? 😒
Sphamandla Gumede:
Baya kwiKaizer bonke laba bantu.
Ayanda UMzukulu KaNomasekeni Nzama:
Masethembe ukuthi amabombo abheke eNaturena.
Ayanda UMzukulu KaNomasekeni Nzama:
Masethembe ukuthi amabombo abheke eNaturena.
Mkhululi Shandu:
Uyabona uma u-coach ededelwa nethimba lakhe lonke, kusuke kukhona enye i-project aya kuyona.
Lucy Greenfield:
Ngoba esebafake kwiTop8, useyaxoshwa?
Mfundoe Mfundoe:
Sesiyamazi ukuthi uyaphi. 🤣🤣🤣🤣
Senzo R Zikhali:
UManto akekho serious, uzozisola-ke kodwa.
Yenamuntu Nduduzo Ndimande:
Bazozisola!
Sipho Lastborn Mhlongo:
Hambiyane nezingubo ze-Arrows.