07 | Izindaba

Friday, 19 June  2026

Balinganiselwa ku-11 million abangakakubhaliseli ukuvota eMzansi

Kuthiwa njengoba kuklanywe kabusha imingcele, kumqoka ukuba abantu babheke ukuthi basavota ezikhungweni ezifanele

Image

 Lucky Cain

BABALELWA ku-28 million abantu ababhalisele ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuNovemba nonyaka, kwabawu-39 million asebeneminyaka evumelekile ukuvota eNingizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe ngabe-Independent Electoral Commission (IEC), ngesikhathi kunesithangami sabezindaba izolo ngoLwesine, lapho bebechaza ngamalungiselelo empelasonto yokubhalisela ukuvota kulolu khetho ezoba kusasa ngoMgqibelo nangeSonto (umhla ka-20 no-21 Juni 2026).

Ekhuluma kulesi sithangami uMnu Sy Mamabolo oyisikhulu esiphezulu kwa-IEC, uthe kumqoka ukuthi bonke asebeneminyaka evumelekile ukuvota, bakubhalisele ukuze basebenzise ilungelo labo lokukhetha uhulumeni wabo emazingeni aphansi.

Image

 UMamabolo uthe njengoba bevule le mpelasonto, banxenxa abantu kuba baphume ngobuningi ukuyobhalisela ukuvota, kanti nalabo ababhalisile futhi aseke bavota phambilini nabo kubalulekile ukuba bayohlola ukuze bazi ukuthi basavota esikhungweni esifanayo nesaphambilini.

Uthe njengoba kusanda kuklanywa imingcele emisha, kubalulekile ukuthi abantu babheke ukuthi basengaphansi kwamawadi abebekuwona yini phambilini, ukuze bathole okuyisona sikhungo abazovota kusona okhethweni lwalo nyaka.

UMamabolo uthe lukhona nohlelo lwe-online abanalo kulabo abafuna ukuzibheka ukuthi bavota kuphi, kanjalo nalabo abasenentshisekelo yokubhalisela lolu khetho.

Uthi basakhathazekile ngesibalo esiphansi, sabavoti abasebasha, abasanda kuba seminyakeni evumelekile ukuvota njengoba sisahamba kancane. Uthe ukuze uhlelo lwentando yeningi luhambe kahle, kumqoka ukuba wonke umuntu akubhalisele ukuvota.

Uveze ukuthi bazoqhuba imikhankaso eyahlukene ezinkundleni zokuxhumana,  besebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukunxenxa ikakhulukazi intsha ukuba ibhalisele ukuvota kulolu khetho.

Uveze ukuthi izikhungo zabo ezilinganiselwa ku-23700 ezweni lonke, sezikulungele ukwamukela abantu kule mpelasonto. Zizovulwa ngo-8 ekuseni zize zivalwe
ngo-9 kusihlwa kuzona zombili izinsuku, uMgqibelo neSonto.