14 | Izindaba
Friday, 19 December 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Amaphaphu phansi kwabebejabulela ukubona uShwi noMtekhala (abasesithombeni esingezansi) ndawonye. Baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook :
Izindaba Online:
Kusolakala ukuthi kukhona owathi shwi nemali, kwasala umntekhala.
Mondise Mzukulu Ka Sizeni:
USHUKELA netiye Shwii noMtekhala. Lungisani phela, ngingasasho umntwana kaMtekhala uLungisani. Kodwa lungisani.
Mtungwa Omnyama Onomoya Ophansi:
VELE mina ngokubona kwami kufanele ngabe kade baqala ukucula ngokuzimela.
UShwi wayeyobelethana nendoda endala, futhi enekhono kuze kube nini?
Mluckiesto Zuma:
NOMA kungathiwani, sicheme udede noMtekhala.
Khulekani Ngele:
KODWA ngaleziya zikhathi kwakumnandi lezi zinsizwa zishaya ingoma ngokuhlanga-nyela.
Isinamuva Lakwethu:
LIVUSELWANI?
Aliyekwe kanjena nje, sekubona-kele ukuthi uMtekhala uyakwazi ukuzimela, senifuna ayoxhasha-zwa futhi?
Balunge bezwana nje, njengezinsizwa eziphile ndawonye isikhathi eside.
Sthembiso Simelane:
SAFELWA yiqembu nokho, futhi akukho esingakwenza ngoba nathi salithanda ngoba selikhona, kasilazi zazithini izinhloso zokuqalwa kwalo.
Mhlambe selikuzuzile elalisungulelwe khona.
Msizy Mnyandu:
ENGAKAFIKI uShwi akaxabana-nga noMtekhala. Sasikhona emcimbini, futhi kwasijabulisa ukubabona bendawonye.
Mbali Abegail:
BUYANI madoda.
Sbusiso Mncwabe:
CHA balunge bezwana, kodwa bangasebenzi ndawonye.
Mngeni Mlambo:
SEBEBADALA vele manje.
Indoda nendoda kuhle izimele ukuze izozithola ukuthi kahle kahle ingubani.
Thandukwazi Mkhulunyelwa Mhlongo:
ABAVELE bayeke, sesijwayele ukuthi abasekho ndawonye.
Maphumy Shandu:
Awuuu..... Noma i-album eyodwa nisithi nje whibi......
Redboy Mnguni:
BAFOWETHU, kukho konke nje, bona kungasijabulisa ukuxolelana kwabo, bakhohlwe ngokwedlule. Siyabadinga bendawonye, badala endimeni yomculo.
Nkwali Umfoka Mncanengabom:
LE nto yokubuyelana kayisebenzelani. Qala uyibone emjolweni. Futhi lo we-chiskop, wakuveza ukuthi angaphila engekho lo wesiphomoliya.
Zwide P G Somaphunga:
MINA bengifuna babuyisane ngokwempilo ngoba bekukhomba ukuthi izinsizwa kazisaboni ngasolinye ngokomculo. Balunge impela ukuthi umuntu nomuntu makazimele.
Bhekinhlanhla Mdletshe:
NGIXAKWA nguMtekhala ukuthi yena ucula nini, ngoba nesigingci akakwazi ukusishaya?