12 | Izindaba
Friday, 26 December 2025
Kulobe: uMenzi Jele
Ezempilo
I-nicotine, yenza umoya ohlanzekile (oxygen), ufinyelele kanzima ezinyaweni, nasezandleni...
NSUKU zaphuma, abantu bayaxwayiswa ngengozi yokubhema ugwayi, kodwa basaqhubeka. Kwabanye abantu, ukubhema usikilidi, kwenza bamukeleke, bathethwe njengabantu "abasezintweni", kodwa iqiniso lithi, ukubhema kudala izifo eziningi nezahlukene, emzimbeni womuntu.
Ngesikhathi uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, esengungqongqoshe wezeMpilo, eNingizimu Afrika, waphasisa umthetho wokuthi, ugwayi ungabe usakhangiswa emaphephandabeni, emisakazweni, nakumaTV.
Ucwaningo lwakamuva, lukhomba ukuthi, bangaphezu kuka-2 million, abantu abafayo emhlabeni, ngenxa yezifo abazithola ngoba bebhema ugwazi.
IZIFO EZIDALWA WUKUBHEMA UGWAYI
Iphakethe likasikilidi, uma ulifunda, linesexwayiso esishoyo ukuthi ukubhema, kubeka impilo yakho engcupheni. Isifo somdlavuza (cancer), imvamisa sidalwa ukubhema ugwayi. Kungaba umdlavuza wamaphaphu (owejwayelekile), owomlomo, owesisu, nowezinso.
Usikilidi, unamakhemikhali awushevu, adlavuza izicubu zomzimba, enze negazi lifinyelele kanzima, kwezinye izicubu zomzimba.
Abantu abanesifo sikashukela esingalawuleki, imvamisa ngabantu ababhema ugwayi.
Isifo senhliziyo, sidalwa wukubhema ugwayi kubantu abaningi. Ucwaningo luveza ukuthi, ngemizuzwana eyishumi (10 seconds), uphafuze ugwayi, amakhemikhali ayingozi, aqukethwe wugwayi, agijima aye engqondweni nasemithanjeni yenhliziyo.
Abantu abahlaselwa yisifo sokuwa, namangongwane, ngabantu abangasakwazi ukuphila impilo ejwayelekile, uma bengabhemile ugwayi.
USHEVU OWAZIWA "NGE-NICOTINE"
Usikilidi owodwa unekhemikhali eyingozi, ewushevu, eyaziwa ngokuthi yi-nicotine. Yiyona le nicotine, eyenza ababhemayo bawuqalekele ugwayi. Umuntu ogcina eseyixhwele (esebhema ngokweqile), usuke eseshodelwa yi-nicotine emzimbeni wakhe.
I-nicotine iyingozi, ngoba uma uphafuza ugwayi, igijima iye engqondweni, kukhiqizeke ikhemikhali eyaziwa
nge-dopamine, eyenza umuntu obhemile "ajabule" okwesikhashana, futhi agxile entweni ayenzayo.
Uma i-nicotine isidamukile emzimbeni, umuntu obhemayo uzoqaleka, afune ukubhema omunye usikilidi.
I-nicotine inciphisa isisindo senzalo kubantu besilisa, uthole ukuthi umuntu osebheme ugwayi isikhathi eside, ubabuthakathaka uma kuziwa enkonzweni yasekamelweni.
I-nicotine, yenza umoya ohlanzekile (oxygen), ufinyelele kanzima ezinyaweni, nasezandleni.
ISIMO SOMUNTU OBHEMA UGWAYI
Iphunga likagwayi alinuki kahle, ngoba liyasalela ezingubeni umuntu azigqokile. Amazinyo, nezinzipho zomuntu obhemayo, kuyashintsha kube nombala ophuzi (yellow). Uma ekhuluma umuntu obhema ugwayi, kuphuma iphunga elingalihle kumuntu ongabhemi.
Uma ubhema usikilidi, intuthu kagwayi uyamhlukumeza umuntu oseceleni kwakho, ongabhemi.
Umuntu wesifazane obhemayo, isibeletho siyakhinyabezeka, kuyadlulela uma lowo muntu wesifazane ebhema kanti ukhulelwe, ngoba ingane esesiswini, izozalwa ikhubazekile noma ikhinyabezekile engqondweni.
Umuntu osezinikele kugwayi uba nenkinga yokulala, (uyaqwasha) ebusuku, uma engabhemile. Ugwayi ukhinyabeza nemithambo yamehlo neyokuzwa.
LUYATHOLAKALA USIZO
Uma ubona ukuthi "usuyisigqila sikagwayi", shesha ubonane nodokotela, ngoba akhona amaphilisi nemithi elawula ukuqalekela ugwayi. Kunesikhungo esaziwa ngokuthi "yiNicotine Anonymous" eselekelela abantu abangamaxhwele.
Abantu abasha, kufanele bafundiswe besebancane ngobungozi bukagwayi, ngoba lento iqala ngokududana, umuntu abone "abangani" bakhe bebhema "nobhuti abadala" bebhema, naye bese engena kulowo mshungu.
Isexwayiso: "Ugwayi uyabulala. Uma usuqalile ukuwubhema, kuba lukhuni ukuwuyeka!"
Abantu ababhemayo bagcina sebengene ezindlekweni nasezikweletini, njengoba ungqongqoshe wemali, eyenyusa njalo intengo kagwayi uma ethula isabelomali.
* Ulwazi siluthole kwaba kwa'NICOTINE ANONYMOUS".
menzi.jele@ilanganews.co.za