18 | Ezemidlalo
Friday, 18 July 2025
NGU-RIVALDO Coetzee okubikwa ukuthi igama lakhe liphezulu kubadlali abafunwa kuRulani Mokwena e-Algeria.
ISITHOMBE NGABE: BACKPGAPEIX
Senzo Sokhela
KUVELA igama lomdlali waseNingizimu Afrika eliseqhulwini kwabafunwa nguRulani Mokwena osanda kujoyina iMC Alger yase-Algeria.
ILANGA Lempelasonto lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uMokwena uhlela ukusayinisa uRivaldo Coetzee (28) asebenze naye iminyaka kwiMamelodi Sundowns.
UCoetzee udedelwe yiDowns ekupheleni kwesizini edlule. Imuxosha nje, ubevele engasadlali. Selokhu wafika kwiDowns esuka kwi-Ajax Cape Town ngo-2017, ubehlushwa wukulimala.
Leli phephandaba lithole ukuthi igama lalo mdlali liphezulu kwabafunwa nguMokwena kwi-Alger.
NGURULANI Mokoena.
ISITHOMBE NGABE: BACKPGAPEIX
Umthombo waleli phephandaba uthe: "UMokwena uyakholelwa kuCoetzee.
"Uyilolu hlobo lomdlali aluthandayo, ngoba ungena khaxa esitayeleni sakhe.
"Umufakile ohlwini lwabadlali abafuna eqenjini lakhe. Kodwa-ke indaba yakhe izocaca kahle ngokuhamba kwezinsuku."
Imizamo yokuthola uMike Makaab wakwaProsports International, okuyinkampani ephethe lo mdlali, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.