20 | Ezemidlalo

Friday, 26 July 2025

'Umbiko ongemuhle' ngobebolekiswe yiPirates


Kuthiwa uKatlego Otladisa ubengasadlaliswa kwiSekhukhune ngenxa yempilo yangaphandle kwenkundla

Image

NGU-KATLEGO Otladisa (okwesobunxele) enoSipho Mbule obenguzakwabo kwiSekhukhune United.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

KUVELA isizathu esingase siphoqe i-Orlando Pirates ukuba ikhombe indlela umdlali ebikade imubolekisile.

IPirates isayinise uKatlego Otladisa (28) odlala esiswini kwiMarumo Gallants kumasizini amabili edlule. Ufike kuyona wadonsa kanzima ukuthola isikimu.
Ngesizini edlule iBucs imeboleke iSekhukhune United. Ufike khona wadlala kancane wangabe esabonakala.

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi iBucs ihlela ukumudedela lo mdlali emuva kombiko ongemuhle ewuthole kwiSekhukhune.

"ISekhukhune ithumelele iPirates umbiko ongemuhle ngalo mdlali. Njengoba kuphele isizini engasadlali nje, kungenxa yempilo yakhe yangaphandle kwenkundla. Ngalesi sizathu iPirates ihlela ukumudedela," kusho umthombo.

Image

NGU-IRVIN Khoza ongusihlalo wePirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Imizamo yokuthola u-Irvin "Iron Duke" Khoza ongusihlalo weBucs ukuba aphawule ngalolu daba, kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

IPirates iseSpain lapho yenza khona amalungiselelo okuqala kwesizini entsha ka-2025/26.
Kulindeleke ibuye ngeSonto.


Le kilabhu izovula isizini ngokubhekana nePolokwane City kwiQuarter final yeMTN8 ezokuba ngoMgqibelo womhla ka-2 ku-August ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.
IBucs yiyona evikela lesi sicoco eseyisinqobe amasizini amathathu elandelana.