15 | Izindaba

Friday, 18 July  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Utholwe esefile oluthwe  yisoka lakwiFacebook. Nansi imibono yabafundi:

Image

NGUMUFI uNkz Nonhlanhla Gumede okutholakale isidumbu sakhe ebulewe, emuva kokuthenjiswa umsebenzi kwiFacebook.

01


George Nkosvumile Memela:

INKINGA abantu baxakekile, bafuna umsebenzi. Kuthiwa uqale wamheha ngomshado, wanqaba usisi, wase emheha ngokuthi uyisikhulu enkampanini thizeni ukuze avume usisi wabantu kanti uvumela uskhotheni.

02


Shandu Zondo:

 MANTOMBAZANE zikhuzeni. Qaphelani le nto yokuthemba umsebenzi kwiFacebook ngoba ayilungile. Ekamathandana ake niyibhekisise, niqaphelisise ukuthi wuthando lwangempela noma niyaluthwa wumbulali.

03


Fundiswa Cwele Mzobe:

YOOOO hhay' shame! Kumele sidabuke-ke manje? Siyakhuza njalo, kodwa bangalaleli, bese kumele sikhale-ke thina. Hhayi  cha bandla.

04


Mxolisi Maxwell Hlongwane:

KODWA-KE nabo osisi bethu abezwa! Uyaphi nje kumuntu ongamazi? Basazophela ngenxa yokuba desperate.

05


Phakade Mthembu:

KODWA ubani lo ofake inhlabathi ephalishini manje? Awu madoda, umuntu ngeke esaqonywa mmmmm.

06


Mzamo Mkhize:

KUBUHLUNGU bandla. Lo sisi ngowangakithi KwaMhlabuyalingana. Silimele.

07


Muntu Wezwe:

WHAT if bebevele bazana before batholane kwiFacebook? What if umbulali uzenze omunye umuntu ngenhloso yokumthola lo sisi?

08


Zulu KaMalandela:

KODWA nani mantombazane anizwa ngale nto yenu yokuqoma kwiFacebook.

09


Shandu Zondo:

EYI bayashesha ukulutheka osisi kanti iyingozi iFacebook.

10


Ndondo Mtshololo:

SENIYABONA-KE manje ukuthi ayikho lento yamadlozi?

11


Nompumelelo Fakude:

HHAYI kodwa nani ngeke, anizwa. RIP kuyena.

12


George Nkosvumile Memela:

SENGATHI lingabanjwa lelo soka.