02 l Izindaba 

Friday, 18 July 2025

Ezifingqiwe


01


Image

Amamashi abebheke emahhovisini ezinhlangano zamalungelo abantu


IYAQHUBEKA imikhankaso nemibhikisho yokuba kuxoshwe abantu basemazweni angaphandle, abahleli eNingizimu Afrika ngokungemthetho.

I-Operation Dudula nezinye izinhlangano, ziqhubeke nemibhikisho, zimashela ukuba babuyiselwe emazweni abaqhamuka kuwo laba bantu, okukhalwa nangokuthi badala ingcindezi ezikhungweni zikahulumeni zezempilo kuleli.

EThekwini imashi ye-Operation Dudula isuke eKing Dinuzulu Park, ibheke eCity Hall. I-Operation Dudula ikhala ngeSouth African Human Rights Commission, ithi kufanele iyeke ukusiza abantu bokufika abahleli ngokungemthetho kuleli.

Sekunezikhalo eziningi zokuthi iSAHRC ivikela abantu bokufika, njengoba izinhlangano okubalwa kuzo i-Operation Dudula, zivimbela abokufika ukuba bangalutholi usizo ezikhungweni zezempilo kuleli.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane, uthe bazobathathela izinyathelo zomthetho abantu abavimba abokufika uma beya ezikhungweni zikahulumeni zezempilo.

I-SAHRC yathi abangaphandle nabo banelungelo lokwelashwa ezikhungweni zezempilo kuleli, lokho okwacasula abantu abaningi, bathi iSAHRC ivikela abokufika.


02


Image

UGeneral Sibiya uyaziphika izinsolo zokungcola

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uLt Gen Shadrack Sibiya (osesithombeni esingenhla), umile ekutheni umsulwa ezinsolweni zenkohlakalo ezenziwe nguLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi, onguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal.

Uthi uzimisele ngokubambisana neKhomishini eholwa yiJaji eselizothatha umhlalaphansi, uMbuyiseli Madlanga, ejutshwe nguMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ukuba iphenye lezi zinsolo.

ULt-Gen Mkhwanazi wasola uLt-Gen Sibiya ngokuthi ugodle amadokodo amacala abucayi, amanye awo okumele ngabe sebeboshiwe abasolwa.
Ekhuluma ezindabeni ze-eNCA uLt-Gen Sibiya, uthe akunamadokodo awagodlile noma awafihlile.

Uthe ehhovisi lakhe akunamadokodo agcinwe khona.
Ukuqinisekisile ukuthi uyitholile incwadi emyalela ukuhlala ekhaya, ngoba kunophenyo oluqhubekayo ngezinsolo abhekene nazo.

Uthi kuyamkhathaza ukuthi kukhona olunye uphenyo lwamaphoyisa oselwenziwa eceleni, ekubeni umengameli wezwe esejube ikhomishini ukuba iphenye. Uthi kungani kwenziwa uphenyo oluseceleni ekubeni umengameni esevele eseyijubile ikhomishini yophenyo.

Uthi abambheca ngezinsolo mabaphumele obala, bavezele umphakathi ubufakazi.


03


Image

I-ANC eGauteng ithi mababoshwe ababhecwe nguMkhwanazi

I-ANC eGauteng ithi kumele ziboshwe, zithweswe amacala izikhulu zikahulumeni ezibalwe ezinsolweni zoMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni esingenhla).

UMnu Hope Popo, ongumholi we-ANC Provincial Task Team, utshele abezindaba ukuthi bayasemukela isinqumo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokusungula ikhomishini ezophenya ngezinsolo ezenziwa nguMkhwanazi.

Kwezinye zezinto azibala uMkhwanazi, wukuthi izigebengu ezishushumbisa izidakamizwa eGauteng, zisebenzisana namaphoyisa eSAPS, nakamasipala.

Ngemuva kwale nkulumo kaShamase, uNgqongqo-she wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu nePhini loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uLt Gen Shadrack Sibiya, banikwe "ikhefu elikhethekile", ngesikhathi kusaphenywa.

UPapo uthi uma ubufakazi sebukhona, umthetho kumele uthathe indawo yawo.


04


I-IFP izidlele amahlanga kwelokuchibiyela ebaQulusini

IZIDLELE amahlandla i-IFP okhethweni lokuchibiyela obeluku-ward 23, ngaphansi kukaMasipala waseBaqulusini, ngoLwesithathu.

Ukhetho lwale wadi belubhekwe kakhulu njengoba bekuncintisana amaqembu okubalwa kuwo i-ANC, yiMK Party, yi-EFF neLabour Party. I-IFP inqobe le wadi ngamavoti awu-1 559, yahlula i-ANC ebinawu-648, iMK Party yathola awu-567, EFF yaba no-188, neLabour Party ethole awu-68.

Ukunqoba kwe-IFP kubeke uMnu Samkelo Myeni njengekhansela lale wadi. I-IFP ibonge abavoti ngokubethemba ukuze bakwazi ukuphatha le wadi.

Iphinde yabonga amavolontiya ayo ngokusebenza ngokuzikhandla nokungalali, ukuqinisekisa ukuthi kuvotelwa leli qembu kulolu khetho lokuchibiyela.