Izindaba | 14

Friday, 18 April  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Ona-100 wephuce ubukhosi indodana (65): baphawule kanje abafundi

Image

 YINKOSI uSizabantu Gumede (100)
ebuyela esihlalweni sayo okuthiwa
besiqhwagwe yindodana yayo ena-65.  

01


Jabulani Mngadi:

USEZOHAMBA emhlabeni iphinde futhi indodana ibuthathe ubukhosi.

02


Lucas Masinayibethele Sbhene:

LONA ophuciwe una 80 bani yena? 🙄

03


Sabelo Lindokuhle Skhashana Lukhele:

AKAMLINDE usezogoduka vele.

04


Nkosi Mbambo Mbambo:

MHLAMPE lo ophuciwe wumhlahlavu wenkosi... labona ikhehla ukuthi ake lizibambele kulezinsukwana lisekhona.

05


Dladla Amahle:

KUFANELE kube neminyaka ebekwayo abehla ngayo esihlaweni, 100 years usaphethe bani.

06


Ernest Nhlangoti:

USAZOKWENZANI? Kodwa-ke ayilinde kancane sekuseduze ibuyele futhi😆.

07


Thokozani Mabunda:

KODWA useyinkosi nje, uma engakasho ukuthi khumu. Ubukhosi, lobu buzani uma ningazi.

08


Sifiso Zulu:

R100 noma years?

09


Sbu Ntombela:

USAZOPHATHANI selishonile ilanga?

10


Andile Dladla:

ANGIYIZWA kahle mina le nto. Ngamanye amazwi nithi ikhehla elina 100 liphuce indodana yalo ena-65 ubukhosi....okusho ukuthi ubukhosi buphindele ekhehleni?

11


Khumbulani INkatha Enquthu:

UMLAYILE le nto yokufuna ukuphatha uyise esekhona,  siyibona nasemakhaya. Umuntu useyinkosana useyalawula ukhona ubaba usaphila, abantu abayosebenza bobizwa uma sekufanele uma kunesidingo

12


Cebolenkosi Ntshalintshali KaMaphathwayo:

IZE ibe yinkosi nje uyise esaphila bekutheni?