Izindaba | 06

Friday, 18  April  2025

Image

Kusolwa umbango wendawo kubulawa owesilisa kubuka umndeni

Umufi uhlaselwe ephuma emngcwabeni wesihlobo sakhe...

Kuthiwa udaba lombango beselufakwe enkantolo yesizwe

Skhosiphi Mthembu

KUSOLWA umbango wasemndenini ngokudutshulwa kubulawa owesilisa waseBhamshela, eNdwedwe ebuya emngcwabeni wesihlobo sakhe.

Lesi sigameko esinyantisayo  senzeke ngeSonto ntambama ngesikhathi umufi uMnu Nkosinathi Phakathi, engena emzini wakhe ehamba nomndeni okubalwa kuwo nengane enenyanga eyodwa izelwe.

Kuthiwa uMnu Phakathi uhlaselwe engena esangweni emzini wakhe, kwavumbuka umuntu ongaziwa, waveza isibhamu ngewindi lemoto eyiveni wadubula amahlandla amaningi kubuka umndeni wakhe, washonela khona lapho.
Kubikwa ukuthi umbulali akathathanga lutho emuva kwalokhu, ushaye wachitha. 

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi umufi udutshulwa nje, ngesonto eledlule ushiselwe imiqasho yakhe ngabantu abangaziwa. Imithombo yaleli phephandaba iveze ukuthi kunezinsolo zokuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nengxabano eke yaba khona emndenini, egcine iholela ekutheni kuyiswane enkantolo yesizwe saKwaMthuli abangaphansi kwaso.

Kuthiwa ingxabano ibiphakathi kukamufi nelinye ilungu lomndeni. Kubikwa ukuthi le ngxabano imayelana nendawo okuthiwa umufi ubeyigadile emuva kokuboshwa kukayise. Umthombo uthi yize icala layiswa enkantolo yesizwe, kodwa isinqumo sagcina singakhishwanga ngoba kwakulindwe ukuba kudedelwe uyise kamufi ejele.

Image

" Icala elihlanganisa umufi nalo ilungu lomndeni lafika emkhandlwini wenkosi langena nasenkantolo. Liquliwe, inkosi yakhipha isinqumo sokuthi kuzomele kucelwe ejele lapho kuboshwe khona uyise ukuba bamlethe enkantolo ukuze ezoletha uhlangothi lwakhe.

"Abasejele baveza ukuthi okungenani makuhlanganwe esiteshini samaphoyisa eNew Hanover, eMshwathi, kufike zonke izinhlangothi okubalwa yena umufi, yilungu lomndeni abebanga nalo  noyise nomkhandlu.

"Lufikile usuku kwaphuma izimoto zibheke khona esiteshini eMshwathi kodwa langafika ilungu lomndeni abebanga nalo umufi. Lokhu kugcine kuphoqa ukuba inkosi isigodle isinqumo kuze kube kudedelwa uyise kamufi ngoba indawo ebangwayo ngeyakhe."

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNsuze aphenya icala lokubulala emuva kokuba owesilisa oneminyaka ewu-34, edutshulwe ehleli emotweni yakhe.

Imizamo yokuthola umndeni kayiphumelelanga
skhom@ilanganews.co.za