Izindaba | 05
Friday, 18 April 2025
NGUMNU Bongani Mlaba, obeyinkosi yesizwe saKwaMlaba, oLundi, ogwetshwe iminyaka ewu-12, ngecala lokubulala.
"Udubule umuntu esesangweni kwakho kunomcimbi, eseshilo ukuthi ulinde umfowenu azomvulela isango," - kusho imantshi
John Hlongwa
USHAYWE ngoswazi oluncane uMnu Bongani Mlaba (43), obeyiNkosi yeSizwe saKwaMlaba, oLundi, egwetshwa iminyaka ewu-12 yiNkantolo yeMantshi yasoLundi ngecala lokubulala uMnu Phumlani Dubazane owadutshulwa wabulawa ngo-2023.
UMlaba ubevele kule nkantolo ngoLwesine, lapho iMantshi uWenzile Rixana, ikhiphe isigwebo kulandela ukumlahla kwayo ngecala ngeledlule.
Ngokobufakazi obenekwe phambi kwenkanto-lo, kuvela ukuthi uMlaba wadubula amahlandla amabili ebhekise kuDubazane, owayesemci-mbini emzini wakhe (uMlaba), washayeka engalweni nasesifubeni, washonela esibhedlela eNgwelezane, ngemuva kwezinsuku ezintathu.
Ngaphambi kokuba uRixana akhiphe isigwebo, izinhlangothi zabammeli ziqale zaphikisana ngesigwebo esifanele uMlaba. Ummeli wakhe uMnu Sandile Khumalo, ucele imantshi ukuba imxegisele isigwebo ngencwadi efungelwe eyenziwe nguye (uMlaba).
Phezu kwale ncwadi, uMlaba ubehlome ngombiko wosonhlalakahle baseMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi obuphaka-misa ukuthi aboshelwe ekhaya ngoba umphakathi uyamdinga.
"Ngicela inkantolo ingizwele ngoba nginezi-ngane eziyisithupha ezifundayo, eziphakathi kweminyaka ewu-3 kuya kwewu-20, enye yazo ifunda esikhungweni semfundo ephakeme. Uma ngiboshwa, ngigwetshwa, ikusasa lazo lizophazamiseka ngoba akekho ozonakekela izidingo zazo.
"Nginomama osemdala oneminyaka ewu-83, ongasiholi isibonelelo sikahulumeni sabadala, okumele ngimnakekele. Isikhundla sami sobukhosi sizosala dengwane ngenxa yokuthi umama usemdala, ngeke akwazi ukungiba-mbela," esho.
Umshushisi uMnu Bhekisisa Ndlela, ucele inkantolo ukuba inike uMlaba isigwebo esigunyazwe kuMthethosisekelo emacaleni afana nalawa. Uwuphikisile umbiko wosonhla-lakahle ngowoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo obuthi, uMlaba ngeke aboshelwe ekhaya ngoba uyaliphika icala.
"Ngokomlando kuvela ukuthi kawuqali ukuphambana nomthetho njengoba wake walahlwa yicala lokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Manje usuphidile, waze wakhipha isidumbu.
"Ngokobufakazi kuvela ukuthi waze wancengwa ukuba usize umufi, umhambise esibhedlela ngemoto. Ngifisa inkantolo ingagudluki esinqumweni esibekiwe samacala afuze lawa," kusho uNdlela.
Yethula isigwebo imantshi, ithe uMlaba akakhombisanga ukuzisola ngesenzo sakhe njengoba ebelokhu eliphike njalo icala.
"Udubule umuntu esesangweni kwakho kunomcimbi, eseshilo ukuthi ulindele umfowenu ukuba abavulele isango. Wawunethuba elanele lokuthi wawungayishi-ntsha ingqondo yakho ngalokhu, ungadubuli ngoba akuveli ukuthi babenzeni.
Wale waphetha ukusebenzisana namaphoyisa ezofuna okuqoshiwe, okusemzini wakho (footage).
"Kwakhona lokho, kuyicala okufanele ngabe uthweswe lona, lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Isibhamu esasetshenzi-swa kasikatholakali kuze kube yimanje.
"Kuzomele inkantolo ikhiphe isigwebo esiqinile ukuze nabenza la macala bathole isifundo. Ngizobheka okushiwo ngummeli wakho ukuthi uyondla futhi unesikhundla ngikugweba iminyaka ewu-12," kusho imantshi.
Amalungu omphakathi abezokweseka uMlaba, aphume edangele ngesinqumo senkantolo.