Izindaba | 04
Friday 18 April 2025
NguLimit Nala ozobonga abalandeli ngokumvotela kwiMother of All Maskandi Festival, lapho ehlomule khona ngetekisi.
Mthobisi Sithole
OKAMASKANDI uqale umjikelezo wokuhambela izindawo ezahlukene ngenhloso yokuzibongela mathupha kubantu abamesekile emcimbini anqobe kuwona iToyota Quantum, iMother of All, eThekwini emasontweni amabili adlule.
ULimit Nala, uthi nakuba kunzima ukuhambela zonke izindawo zesifundazwe, kodwa kweziningi uzofinyelela.
Ngempelasonto edlule wenze umcimbi wokugubha nomphakathi wangakubo kwaNxamalala, eNkandla esikoleni iNtolwane eyowethulela ngokusemthethweni iQuantum.
NgoMgqibelo mhlaka-19 kwephezulu, wenza umcimbi eMary Lu Lounge, eMtshezi eduze kwerenke yamatekisi. Kulo mcimbi uzobe ephelezelwa ngabanye abaculi bakamaskandi okubalwa kubona uNtencane, uMenzi, uMzukulu, uMjolisi, uFalabo, uNjoko, uQuality, uMafikizolo, uThandazani, uMkhulekelwa, uMayoghurt nabanye.
Yingxenye yabaculi abazophelezela uLimit Nala emjikelezweni wokubonga abalandeli. Ngakwesokunxele nguNtencane, ophakathi nguMayogathi, okwesokudla nguMenzi Mabizela.
"Abantu bangenzele okukhulu kakhulu empilweni yami. Ukubonga kwami akwenele uma ngingafinyeleli phambi kwamehlo abo. Baningi abantu abangithandayo ezindaweni eziningi abadele konke, bakhipha imali yabo, ngakho-ke kufanele ngisondele eduzane, ngibonge bese ngibakhombise bukhoma nemoto engiyiwine ngenxa yevoti labo," kusho uLimit.
ULimit netekisi alihlomule emuva kokuzwana amandla nabanye omaskandi emncintiswaneni weMother of All Maskandi Festival.
Uthi bekunzima kakhulu emncintiswaneni, yingakho ukunqoba kwakhe kusho lukhulu kuyena. Uveze ukuthi eminye imigubho uzoyenza eGauteng.
"Maningi amabhinca eGoli, izinsizwa nezintombi beziwa zivuka nami emahostela. Ngizohlela usuku lokuhambela emahostela eGoli nasezindaweni esikhangisa kuzona umsebenzi wethu, ngigubhe nabo abantu," esho.
ULimit uwine, waguqisa abaculi abawu-29 kulo mncintiswano. Ukunqoba kwakhe kujabulise abaningi abalandela lolu hlobo lomculo, ngenxa yokuthakaselwa kakhulu kwezingoma zakhe. Kulezi zinsuku udlisela ngezingoma okubalwa kuzona ethi, "Uvume kanjani, iKulate nezinye.
mthobisis@ilanganews.co.za