18 | Ezemidlalo
Friday, 17 October 2025
NGU-ARTHUR Zwane ongumqeqeshi wamaZulu FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela noMfanafuthi Ndlovu
UVEZA abahlose ukukuzuza ngaphambi kokuba iBetway Premiership ihlabe ikhefu lemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) elizodonsa isikhathi eside u-Arthur "10111" Zwane ongumqeqeshi wamaZulu FC.
USuthu luzodudulana nomkhaya balo, iDurban City koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Imidlalo yeBetway izohlaba ikhefu lamasonto awu-6 kusuka ngesonto lokuqala kuDecember njengoba kuzokube kuqala imidlalo ye-Afcon ezokuba seMorocco.
UZwane uthi bazimisele ngokufuqa kanzima ukuthola amaphuzu azobenza bafike kuleli khefu bekwi-top 8.
"Silindele umdlalo onzima kwiDurban City kwazise sesike sadlala nayo, yasehlula khona eMoses Mabhida. Kodwa-ke kulokhu sizozama ukubuyisa izinduku.
"Inhloso yethu wukuthi kuvalelwe ikhefu le-Afcon sikwi-top 8, futhi nakhona endaweni ehloniphekile," kusho uZwane.
NGUMQEQESHI weDurban City, uGavin Hunt.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UGavin Hunt ololonga iCity, ubonga abadlali bakhe njengoba le kilabhu yenza kahle (yize ingomakoti kwiBetway Premiership).
"Ngifike sekusele amasonto amathathu ukuba kuqale iligi, kodwa umfutho engiwunikwe ngabadlali ungimangazile.
"Kodwa-ke kasikaqedi, ibhola lifuna uzithobe, kufanele sihloniphe umdlalo nomdlalo esiwugijimayo," kusho uHunt.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership:
NGOLWESIHLANU
ERichards Bay Stadium: Richards Bay vs Orbit College 19h30.
NGOMGQIBELO
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu FC vs Durban City 15h30.
ESeshego Stadium: Magesi FC vs TS Galaxy 17h30.
NGESONTO
EDr Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Chippa United 15h30.
NGOLWESITHATHU
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Polokwane City 19h30.
EDanie Craven Stadium: Stellenbosch FC vs Golden Arrows 19h30.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Siwelele 19h30.