02 | Izindaba

Friday, 17 October 2025

Ezifingqiwe


01


INingizimu Afrika namazwi enduduzo kwiKenya ngo-Odinga

Image

NGUMENGAMELI Cyril Ramaphosa (kwesobunxele) noMnu Raila Odinga.

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa usedlulise amazwi enduduzo ebantwini baseKenya ngokudlula emhlabeni kukaMnu uRaila Odinga (80), owayengundunankulu wakuleliya lizwe.

URamaphosa uchaze u-Odinga njengomholi obebakhathalele abantu, futhi esebenzela izwe lakhe ngokwethembeka.

“URaila Odinga ubezinikele ekuthuthukiseni izwe lakhe, futhi ekulwela ukuthi kuphele izimpi, kube nokuthula e-Afrika," esho.

U-Odinga ushonele esibhedlela sase-India ngoLwesithathu. Ubengumholi weqembu eliphikisayo eKenya, i-Orange Democratic Movement.

Waba ngundunankulu kusuka ngo-2008, kuya ku-2013.


02


Libashonele abaseGhana abebenebhizinisi elingekho emthethweni oNdini

Image

AKHALELWE ngamasongo kaS'gonyela amadoda amabili angawokudabuka eGhana, abanjwe oqotsheni eqhuba ibhizinisi lokuthengisa izinsimbi ezindala nemishini engasasebenzi (scrapyard), eMkhazane, oNdini.

Laba balisa baboshwe ngamaphoyisa kaMasipala wasoNdini - ngokubambisana neSAPS - ngoLwesithathu,  emuva kokuba encinzwe indlebe ngendawo okusolakala ukuthi iqhuba leli bhizinisi ngokungemthetho.

Emuva kokuba beshaqiwe,  kubulawe konke okusebhizinisini labo.

Isenzo samaphoyisa sishayelwe ihlombe ngabaholi bomphakathi, okubalwa kubona noMfu Thulasizwe Buthelezi ongungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu KwaZulu-Natal.

Okhulumela lo mnyango, uMnu Senzelwe Mzila,  uthe kutholakale nokuthi abasolwa bacekele phansi ingqalasizinda kagesi.


03


Isililo kubulawa umlimi obeqashe inqwaba eMkhanyakude

Image

SIKHULU isililo ngokubulawa komlimi obesemkhakheni wemfuyo eMkhanyakude, obeqashe inqwaba yabantu bendawo. 

Kubikwa ukuthi uMnu Siphamandla Maphanga uhlaselwe ngababulali eGugulethu, eJozini, bamdubula, maqede bathatha isibhamu sakhe nemoto.

UMnu Joseph Ngubane ongusihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) yendawo, uthe bathole umbiko ngalesi sigameko entathakusa yangoLwesithathu.

"UMaphanga ubeqashe abantu abangaphezulu kuka-60 abasebenza ebhizinisini lakhe lenyama yenkomo. Ubewusizo ngisho nakwabanye abafuyi abasafufusa.

"Ukubulawa kwakhe kuhlobene nenkinga yokudunwa kwezimoto, okumanje isiqale phansi," kusho uNgubane.

UMaphanga wehlelwe yilo mshophi nje, ubehamba nowesifazane okuvela ukuthi ungowakhona endaweni. 


04


Uhulumeni ubongele iBafana Bafana ingena kweyeNdebe yoMhlaba

Image

IHALALISELWE yiKhabhinethi kaMengameli uCyril Ramaphosa iBafana Bafana ngokungena emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba se-USA, eCanada naseMexico ngonyaka ozayo. 

Leli qembu liqede ukuqagela ngokuya kwalo kule midlalo, libhuquzisa iRwanda ngo-3-0, ngoLwesibili kowokugcina ka-group C, kweyokuhlungela ukuya eMelika.

Ngesikhathi ikhabhinethi inomhlangano ngoLwesithathu, ibongele leli qembu ngokuphumelela ukuzingenela ngezikhwepha zalo kulo mqhudelwano, okuyinto elagcina ukuyenza ngo-2002, emidlalweni eyayiseKorea/Japan.

 Esitatimendeni esikhishwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, ikhabhinethi inxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba babumbane ukweseka iBafana Bafana, nawo wonke amaqembu esizwe.


05


Ukukhathazeka kwiDA ngombiko wenkohlakalo KwaZulu-Natal

Image

I-DEMOCRATIC Alliance KwaZulu-Natal, izwakalise ukukhathazeka ngemibiko eyethulwe yiSpecial Investigating Unit (SIU) nePublic Service Commission (PSC) ngesikhathi ivele ngaphambi kweScopa yakulesi sifundazwe.

Le mibiko iveze ukunuka kwenkohlakalo, nokungayilandeli imigudu efanele eminyangweni kahulumeni waKwaZulu-Natal.

 Umbiko we-SIU uveze ukuthi kunyakamali ka-2024/2025, iphumelele ukumisa izinkontileka zemali elinganiselwa ku-R886 million, obekungalandelwanga imigudu efanele ngazo.

I-DA iveze ukuthi njengeqembu eliyingxenye kahulumeni wenhlanganisela esifundazweni, ngeke ikuvumele ukuqhubeka kwenkohlakalo.

Igcizelele ngokuthi izokwenza konke okusemandleni ukulwa nayo, futhi abathintekayo bathathelwe izinyathelo ezinqala.