04 | Izindaba
Friday, 17 October 2025
NGU-BIG Zulu nendodakazi yakhe, uSihle.
Lucky Cain
ICHAZA ukusebenzisana noyise njengethuba eliyingqayizivele lokuqhakambisa ubudlelwano babo indodakazi kaBig Zulu, uSihle "Nkabikazi" Nene.
Ngeledlule, uBig Zulu - ogama lakhe langempela nguSiyabonga Nene - noNkabikazi, bakhiphe i-albhamu ethi, "Undodakazi".
Ngokwesitatimende esikhishwe yinkampani kaBig Zulu, iNkabi Records, le albhamu iqhakambisa injabulo nobumbano lomndeni, nobudlelwano obuqinile obukhona phakathi kwakhe nendodakazi yakhe.
UBig Zulu uqhakambisa kuyona ukuzigqaja ngendodakazi yakhe, nangegxathu esilithathile lokungena emculweni.
Uchaze le albhamu njengesondelene kakhulu nenhliziyo yakhe.
"Okuqukethwe kule albhamu akuwona nje umculo, kodwa wumlando ngathi. Ukubukela uNkabikazi ekhula, ezimela empilweni, kuyisipho esikhulu kimina njengoyise," kusho uBig Zulu.
Uqhube ngokufanisa ukuba sesitudiyo nendodakazi yakhe njengephupho abengazi ukuthi ubenalo.
UNkabikazi - ongumfundi kaGrade 9 - useqalile ukuzakhela igama emculweni njengoba eqhamuka nezwi elihlukile, futhi nethalente lokubhala umculo ohambisana nobunkondlo.
LE albhamu ayikhiphe noyise iwumsebenzi wakhe wokuqala emculweni.
Echaza ngokusebenza noyise, uthe ukwenza le albhamu kufana nohambo oluyisifundo empilweni yakhe.
"Kimina kube yithuba lokuthi siqhakambise ubudlelwano bethu emhlabeni jikelele," esho.
UBig Zulu useqalile ukunandisa ngenye yezingoma ezikule albhamu, ethi "Lilizela", abantu abakhombisa ukuyithakasela ezindaweni ezahlukene.