13 | Izindaba

Friday, 17 October 2025

Idola laseMelika kumele ngabe lilingana no-R7 waseNingizimu Afrika 


Inkohlakalo nokwenyuka ngokweqile kwesikweletu sezwe, kuthiwa ngezinye zezinto ezixosha abatshalimali kuleli


Mthokozisi Dlomo

UMNU Lesetja Kganyago (osesithombeni esingezansi), oyinhloko yeSouth African Reserve Bank (SARB), uthi isilinganiso serandi ezimakethe zomhlaba kazinabo ubulungiswa njengoba ethi kufanele ngabe idola laseMelika lilingana no-R7 wakuleli.

Image

Kumanje idola elilodwa libiza ngaphezudlwana kuka-R17, wemali yakuleli.

UKganyago ubehlaziya indlela irandi elehle ngayo kule minyaka ewu-20 edlule, embizweni iDrakensberg Inclusive Growth Forum, ebihlelwe yiKgalema Motlanthe Foundation, ngesonto eledlule.

Uthe ngokulindelekile, ukwehla kwamandla emali kumele kuholele ekukhuleni komnotho, kodwa eNingizimu Afrika kakunjalo, njengoba umnotho wakuleli ubulokhu uba ntekenteke kule minyaka eyishumi edlule.

Image

Usole izinto ezinjengenkohlakalo nokwenyuka ngokweqile kwesikweletu sezwe, njengezinto ezixosha abatshalimali, okuyikhona okwenza umnotho wezwe ungakhuli ngendlela efanele.

Uthi kumqoka ukuthi iSARB neHhovisi likaMgcinimafa kuzwelonke, bathola indlela yokulawula izinga lokwehla kwamandla emali (inflation), ukukhalima izinga lokwenyuka kwentengo yezimpahla nama-service.