11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 17  October 2025

Image

We sponono ngicela ukukunika i-challenge. Usayikhumbula ingoma kaMiriam Makeba ethi, Phathaphatha? Ngifuna mina nawe sibe lapho kophathaphatha ntombi. Ngiyibhimbi impela, yangihlula nekwasakwasa kodwa ngeke ngiliyeke leli thuba. Ngifuna sibe lapha ko-#loveliveshere, #couplegoals, lapha ko-#phakadelami. Njengoba ngikuphonsela inselelo esidlangaleni, lamba lidlile ngicela nawe uphendule esidlangaleni. 

 Hhola Mntwana!

Ngifuna ukuba
yi-blesser lothando❤️💓💕

Image

Lo sweety nguSephosethu "Sethu" Maqhubela. Ngumculi wamapiyano lo njengoba eyilungu leqembu i-2 Disruptive. Uyintokazi ethi idla impilo ngemfologo (soft life) ibe izinakekela ngokuzivocavoca kanti akakunqeni nokuvakashela amazwe.  

Image

Kuthiwa uma ubusisiwe, nawe busisa abanye. Mina ngizokubusisa ngothando lavi ngoba ngiyabona ukuthi uphila impilo engalidingi i-blesser lemali. Ngithi kuwe nje wink, wink... 😘😘😉