08 | Izindaba
Friday 17 October 2025
USIFISO NENE UTHI EMINYAKENI EDLULE UBELOKHU EZIPHONSELA INSELELO
UNene uveze ukuthi ezinyangeni ezizayo uzoba nomcimbi wamahlaya phesheya kwezilwandle
USIFISO Nene uzoba nomcimbi wamahlaya eThekwini, mhla ka 08 Novemba 2025.
Thandi Zondi
UZISHAYA isifuba usomahlaya uSifiso Nene ngokukhula emkhakheni wezamahlaya, nokukwazi ukufinyelela kwezinye izinhlanga.
Le nsizwa yaseMpangeni esizinze eGoli, eseyiqede iminyaka ewu-15 kulo mkhakha, ithi konke lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kokwesekwa ngabantu.
Lo somahlaya uzakhele ugazi ngamahlaya akhe athi, 'Baby Mama Drama', kulokhu unyathela ngolunye unyawo njengoba ingqikithi izothi, 'Because of Success'.
"La mahlaya agxile endleleni ebengiphila ngayo, iningi liyangazi ngesikhathi ngisaqala kulo mkhakha eBat Centre, eThekwini. Ngixoxa ngohambo lwami, sengithenga ezitolo zomntakabani, ngisebenzisa
o-medical aid, futhi sengihlala koSandton.
USifiso uthi eminyakeni eyedlule ubelokhu eziphosela inselelo yokuthi ufuna ukufinyelela nakwezinye izinhlanga. Uthi kunezindawo lapho akade esazi khona ukuthi nakanjani uzokuthola ukwesekwa nxashana enza umcimbi.
"Kodwa-ke njengomuntu neciko kubalulekile ukuthi ngikhule, ngingene nakwezinye izifundazwe. Umuntu uma esebenza uyakhula, lokho kungisize nasekutheni ngikwazi nokungena kwezinye izindawo ezinjengoShowmax," esho.
Ezinyangeni ezizayo uthi uzoba nomcimbi wamahlaya phesheya kwezilwandle e-Australia naseNew Zealand.
"Siyahlekisa eKZN njengosomahlaya kodwa kubalulekile ukuthi siphumele nangaphandle, babone ithalente lethu. Lokho kuba lula uma uzozimisela njengeciko, uqhamuke nokwehlukile ukuze nabanemicimbi bakwazi ukukumema emicimbini yabo.
"Uma uzothembela ekubhukhweni ngeke uyendawo, ama-shows mancane. Ngakho-ke kulele kusomahlaya ngamunye ukuthi wenza njani ngomsebenzi wakhe ukuze akhule, ehluke futhi avelele," esho.
Amathikithi omcimbi wakhe waseThekwini ozokuba ngomhla ka-08 Novemba, eSuncoast, uthi ahambisa okwamakhekhe ombhako. Kanti kulawa amanye ama-shows, athengiswe aphela ngesidumo.
Echaza ngalokhu, uthi kumlethela injabulo.
"Kuyisifiso salo lonke iciko, ngeke ngikuthathe kancane ukudayiswa kwamathikithi omcimbi ngale ndlela.
Kuyangigqugquzela kakhulu, isifiso sami ngesokuthi ngibe nozinzo naphesheya kwezilwandle," kuphetha uNene.
Amathikithi alo mcimbi atholakala eWebtickets.