15 | Imibono
Friday, 17 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA Lempelasonto ngoLwesihlanu olwedlule oluthi:
Kuboshwe uthisha onesithembu oziqophe enza ucansi nembuzi
Thulani Mfumbathi:
NGIKHUMBULA amazwi kaGuduza athi, "zikhona ngakithi izishimane, kodwa aziyilokothi imbuzi "😂
Thamsanqa Potso Zikalala:
OHLABA eyakhe akaphikiswa. 😂😂
Busisiwe Mkhize:
SAZE sasha. Sesizothenga izimbuzi ezilaliwe. Akusalungi lutho-ke manje. Buya Nkosi🙏
Sbonga Muzi Ntshangase:
SELOKHU sajovela iCovid, asiphindanga saba right.
Makhosie Noxolo Mpungose:
UPHOXA uLundi lomntwana 😂😂😂😂
Mthokozisi Mashobane:
HHAYI-KE wudoti loyo, umuntu uhlulwa wukushela aqonywe, ebone kulula ezilwaneni. Bese siyidla kanjani leyo nyama mzukwane eyibulele?
Phela kobe ubulele umkakhe makunjalo. Wubunja nobuSathane lobu.
Nkosinathi Nathi Mthinay:
OMAMBOYI baningi 🤣🤣🤣 thina besazi lona wase-Eastern Cape.
Khumbulane Vilakazi Enquthu:
HHAWU yehheeeeeeeni!
Nokphila Phila Phila:
AWU kodwa uthisha wonke pho? Amabulawo lawa, ulala kanjani nesilwane?
Mlungisi Khoza:
NGINGUYE bengizosale sengithatha umhlalaphansi ngoba izingane zesikole zisazomhleka, hhayi kancane🤣🤣
Scelimpilo Moi:
I-STELLA asikho right, ngisasho namanje😌
Mazandi Khumalo
USUKE-KE wena uyothenga imbuzi le, uthi ufuna ukwenza umsebenzi🤮🤮
Bhekinhlanhla Mdletshe:
INSUMANSUMANE yodwa le engiyifunda lapha 😂😂
Sifiso Welly Mabi:
MXM, woSathane labo futhi bathwele. Doti muni nje lo abawenzayo.
Sibonokuhle Masango:
NINGAMUQAMBELI uThisha amanga. Lethani iVideo sibone ukuze sikholwe.