16 | Ezemidlalo

Friday, 17 July 2026

Image

UNOZINTI omusha weKaizer Chiefs uRenaldo Leaner uthi uhlabeke umxhwele ngakubone efika eNaturena.


'Ngizele ukuzozakhela igama ePhefeni'


Mfanafuthi Ndlovu

UPHAWULE okokuqala unozinti osanda kujoyina iKaizer Chiefs, uRenaldo Leaner ngokufezeka kwephupho lokudlalela le kilabhu yaseNaturena.
Ekhuluma nabezindaba, uthe ukusayina kwakhe eziMpofaneni wukufezeka kwephupho lakhe lakudala. Lo nozinti ujoyine iChiefs esuka kwiSekhukhune United.

ULeaner uchithe amasizini amathathu kwiBabina Noko ayijoyina esuka kwiMaritzburg United ngo-2023 esiyaziwa ngeDurban City. KwiSekhukhune, uLeaner udlale imidlalo ewu-45 kuyona yonke imiqhudelwano. Ukudlala kahle kwakhe kumenze wabizwa okokuqala kuBafana Bafana ngaphansi kukaHugo Broos ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Image

UKUVIMBA kahle kwiSekhukhune United yikhona okumcentele indlela eya eNaturena uRenaldo Leaner.

"Ngifuna ukuzakhela igama ePhefeni. Kudala ngilokhu ngifisa ukudlalela iChiefs. Ngihlabeke umxhwele ngengikubone ngesikhathi ngifika eNaturena," esho.

ULeaner uhambe neChiefs njengoba iseSpain, lapho iziqeqeshela khona ukuqala kwesizini ezayo ka-2026/27. IChiefs izokuba nesizini ematasa njengoba izobuyela nase-Afrika kwiCaf Confederation Cup.