18 | Ezemidlalo

Friday, 17 July 2026

UMessi usethu khumu!

Kuzosiphuka izidindi koweSpain ne-Argentina

Image

AKAGCINI nje ngokuthandwa ngabalandeli uLionel Messi, kodwa nozakwabo eqenjini lesizwe lase-Argentina bakhotha phansi njengoshukela. 

ULIONEL Messi uthi noma ngabe kwenzekani emdlalweni wabo wokugcina wendebe yomhlaba, uyashiya ebholeni lomhlaba. I-Argentina izobhekana neSpain kowamanqamu weNdebe yoMhlaba yeFifa ngeSonto ngo-21h00 ebusuku.

UMessi usematheni kubathandi bebhola kulezi zinsuku njengoba egila izimanga. Lo mdlali ekhuluma nabezindaba, uthe ngemuva kwalo mdlalo weSpain uzokuthi khumu eqenjini lesizwe lase-Argentina.

Image

KUZOKUBE kubhekwe uMessi we-Argentina noLamine Yamal weSpain uma lawa maqembu esetholana phezulu kowamanqamu wendebe yomhlaba ngeSonto. 

"Ngicabanga ukuthi sengikwenze konke eqenjini lesizwe. Ngifikelwa yizinyembezi uma ngicabanga ngesesikuzuzile kuleli qembu lesizwe. Ngicabanga ukuthi sekufika lapho okufanele ngihlehle khona, ngidedele abanye. Emuva kwalo mdlalo wethu neSpain wamanqamu ngizohoxa noma ngabe kwenzakalani. Isifiso sami ukuthi ngihoxe kahle siyizingqwele, lokho kuyongijabulisa," kusho uMessi.

Image

BAZOLWELA isithunzi oKylian Mbappe weFrance noHarry Kane we-England uma lawa maqembu esebanga indawo yesithathu. 

ISpain ilwela ukunqoba le ndebe okwesibili emlandweni njengoba iyidle okokuqala ngo-2010 ihlula iNetherlands kowamanqamu eNingizimu Afrika. I-Argentina ilwela ukuvikela le nkomishi eyinqobe yehlula iFrance ngo-2022 eQatar.

Emdlalweni wokulwela ithusi, iFrance izobhekana ne-England ngoMgqibelo ngo-21h00.