17 | Ezemidlalo
Friday, 17 July 2026
NGUMDLALI wePolokwane City uThabang Matuludi.
Mfanafuthi Ndlovu
INGASE ikhale ngaphansi i-Orlando Pirates ekusayiniseni uThabang Matuludi emfuna uthuli njengoba kuvela ukuthi angase athathwe yiMaghreb de Fès, eyaziwa ngeMAS Fes, egijima kwiBotola Pro League, eMorocco.
Umthombo weLANGA Lempelasonto uthi uMatuludi – oseqalile ukujima nePolokwane City njengoba wonke amakilabhu agijima kwiBetway Premiershi esevulile – angase athathwe yile kilabhu nakuba iBucs ibimfuna. Kuthiwa izingxoxo neMAS Fes seziqalile futhi zibheke ovuthondabeni. Nokho neBucs kuthiwa kayililahlile ithemba ngalo mdlali odlale kahle ngesizini edlule, waze wathola nethuba lokuba yingxenye yeBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba.
"Impela uMatuludi sisengezwa okuhlukile kunalokhu ebesikuzwa ngaye ukuthi uzothathwa yiPirates. Yiqiniso ukuthi nePirates kayizibekile phansi kodwa sengathi le kilabhu yaseMorocco ibeka okungcono etafuleni," kusho umthombo.
* Kuzo ezePremiership, kuvele izindaba zokuthi uMakhehleni Makhaula ohambe neBucs njengoba isekhempini eSpain, uselule inkontileka ngonyaka.
* IMamelodi Sundowns ingase ibhekise amabombo e-Austria ukuyokhempa. Ihlehlise amanye amalungiselelo kulandela ukushona komdlali wayo uJayden Adams ngeledlule. ISundowns ibikhona enkonzweni yesikhumbuzo salo mdlali izolo ngoLwesine eStellenbosch Hall, eCape Town.