14 | Imibono
Friday, 17 July 2026
Baphawulile abafundi beLANGA kuFacebook ngokuxoshwa kukaMfu Thulasizwe Buthelezi kwesobundunankulu kaZulu. ISilo uMisuzulu kaZwelithini sibeke iNkosi uPhathisizwe Chiliza njengondunankulu waso omusha.
YISILO uMisuzulu kaZwelithini noMfu Thulasizwe Buthelezi obengundunankulu kaZulu.
Siphamandla Sikhakhane:
KWASEKUQALENI vele kwakumele kube yinkosi uChiliza uNdunankulu kaZulu🙌🏾
Lumeva Mchunu:
HHEYI sihle kodwa isiZulu. ISilo “sicela ukumphumuza, kulo msebenzi onzima kangaka”😂😂😂😂😂
Nkulu Ncibilika:
KANJANI iNgobamakhosi ingakayitholi i-car? 🙆🏾♂️
Kamhlaba Sbeke Donga:
MINA nje angikuzwa ukuthi uthini, usephinde wenzani?
Ndlela Nhlanzeko:
ICHATHWE ngesichitho eyakoShenge bakithi🤣
Thobani Mathobi:
KUZOPHELA inyanga esexoshiwe nalo obekiwe. ISilo asimfuni umuntu onombono, ozothi, “lokhu okwenzayo Bayede kulichilo”. Sona sazi ukuthi ngoba siyinkosi nje, sihlakaniphile, esikwenzayo akuphikiswa. Kwahluleka ngisho uMntwana waKwaphindangene owasilwela.
Austin Ntshinga:
KUSAMELE indlunkulu neSilo kebehlale phansi, babheke umuntu ongathatha lesikhundla sobundunankulu bukaZulu, hhayi lokhu okusenziwa manje. Kuyawudunga umlando walesi sikhundla umuhle kangaka. Ababhala umlando bazobhala ukuthini nje? Angisho kabi.
Mandla Ozeus:
ULAYEKILE lowo, ubesephapha kakhulu.
Mxolisi Mxohh Mxohh:
KUMELE ngabe kade amsusa kulesi sihlalo. Akusenani, siyabonga Silo sethu, akaphume impela eNdlunkulu.
Masondo Jazzman Melusi:
SIYOYICELA ivuthiwe lapha. Ibhodwe liyapheka liyathululwa, nabakhethiwe kuyeza nakubo.
Sipho Msimango:
CHA imbiza kayivuthwa laphaya eNdlunkulu, kuyaphekwa, kuyathululwa. Ngiyoke ngizwe ukuthi kuyogcinaphi.
Sibiya Sotobe:
WASHO kodwa uMntwana uThembi, waxwayisa kodwa sangalalela. Bheka manje isizwe siyinhlekisa, kukwabhodwe kalivuthwa 🙈
Hloniphani Mtshali:
😂 Naye uzophunyuzwa maduzane, kungene uSinqa Semfene.
Een Nkuthe:
🤣🤣 MINA sengihlekiswa ubaba indlela ayibeka ngayo🤣🤣🤣🙌
Sphiwe Mnyandu:
KUYAFANA ngoba uChiliza naye ungusopolitiki.
Mphazima Nkosi Maphumzana:
UBAYEDE usezoxosha kwathina-ke manje kwaZulu 😔