11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 17 July 2026

 Hhola MTWANA!

Kumnyama emzini kababa ntombi...

Image

Uma kukhulunywa ngabantu bekhethelo, kukhulunywa ngawe nobuhle. Ngichazwa kakhulu amehlo akho abuka sengathi ayanqena. Kumnyama emzini kababa ntombi, udinga umuntu oqhakazile nozoqhakazisa njengawe. Ey! kwathi angikhuzele madoda...

Image
Image

Awudingi ukucambalala wedwa kanje ngikhona thambo lami lekhentakhi. Ubona nje sengithumele izigijimi ukuba zingifunele  loswidi owehla esiphundu okuthiwa iToffolux ukuze ngikutotose.

Image

Namuhla sigadla nge-fitpreneur enguGrace Motswana, yaseKlerkdorp, eNorth West kodwa esizinze eGoli. Yintokazi eziphilela ngokuzivocavoca nobumnandi. Ithi izithandela ukuhleka nokuzijabulisa. Ngingaba umuntu ohlala ethokozile beautiful, uma ungazijabulisa nami.