03 | Izindaba
Friday, 17 July 2026
Lolu hlelo lukhuza ibuya okwesine kumabonakude...
UMpilo oyindodakazi kaMseleku, uthi kuningi okuzohlala obala ngaye...
Lucky Cain
KUZOVELA uhlangothi obelufihlakele lukaMpilo Mseleku, ozobonakala ohlelweni olukhuza ibuya kumabonakude olubizwa ngeZingane Zesthembu, oluzoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic Channel, 161 ngomhla ka-20 ku-Agasti nonyaka.
Lolu hlelo oluveza impilo yezingane zikaMusa Mseleku wodumo lwezinhlelo zikamabonakude Uthando Nesthembu, noluthi Umnakwethu, lumenyezelwe ngeledlule ukuthi lukhuza ibuya okwesine kumabonakude.
Lukhombisa impilo yezingane zikaMseleku ezikhulela esithenjini, nokuthi zikhula kanjani kulo mndeni omkhulu onezigigaba zawo.
Kule sizini zizokwanda izingane zikaMseleku ezizobonakala kulolu hlelo. Phakathi kwalezo ezizobonakala kule sizini kubalwa uMpumelelo 'Sbindi', uSne, uLwandle, u-Abongwe, uMpilo, uMnini, u-Owami, uMawande noThando.
Abanye abazobonakala kulolu hlelo kubalwa uKhwezi Mazibuko, uTirelo Kale no-Amahle Biyela.
UMpilo ongenye yamadodakazi asekhulile kaMseleku, uthi kule sizini abantu bazobona olunye uhlangothi ngaye. Uthi kula masizini adlule ubengavulelekile ngokugcwele, kwazise ubesazama ukujwayela ukuzimela ngokwempilo nokuqonda isimo somndeni wakhe.
"Kule sizini abantu bazokwazi ukungibona ngokugcwele ngivuleleka, bazobona ngisezinhlungwini nokuthi ngidlula kanjani ebunzimeni engisuke ngibhekene nabo," kusho yena.
Uthe uthwale kanzima ngokumbondela izinto ezifihla ngaphakathi, engakhululekile ukuthi azwakalise imizwa yakhe.
"Ngibone ukuthi sekuyisikhathi sokuthi abantu bamazi kangcono uMpilo njengoba abantu baye bacabange ukuthi bayakwazi ekubeni bazi isiqeshana sempilo yakho," kusho uMpilo.
Uthe kule sizini kuzogqama uMpilo, ozimele futhi ozethembayo. Nakuba ezobe ebhekene nezingqinamba, kodwa akukho azokufihla, konke kuzoba sobala.
Uchaze ukukhulela esithenjini njengento engelula, kodwa ekufundisayo ukuzimela, kwazise nibaningi, ngakho kumele ube nezwi elizwakalayo ukuze unakeke.
NguMpilo noyise uMusa Mseleku.
"Emndenini omkhulu kulula ukuthi ugqibeke, izwi lakho ligcine lishabalele, ngakho kumqoka ukuthi usheshe ufunde ukuzethemba, futhi uzimele ngaphandle kokuba namahloni," esho.
Uqhube ngokuthi kuhle futhi kubi ukuba nempilo ehlale isemehlweni abantu. Uthe okubi wukuthi abantu bahlale benemibono ngempilo yakho noma kwesinye isikhathi bengasiqondi isimo odlula kusona.
"Okumele abantu bakuqonde wukuthi kuningi okwenzekayo ngemuva, okugcina kungavelanga kumabonakude, ngakho uma bezoba nemibono, kumele bakuqonde ukuthi okusuke kwenzeka kusuke kusuka kuphi," kusho yena.
Uthe okuhle ngokuveza impilo yakhe wukuthi uyakwazi ukuba wusizo kubantu abadlula ezinkingeni ezifana nezakhe, bazibone ukuthi kababodwa kuzona.
"Kuyangithokozisa ukuhlangana nabantu, besho ukuthi isimo sami sikwazile ukubakhuthaza, baqhubeka nempilo," kusho yena.