22 | Ezemidlalo

Friday, 17 April 2026

Image

NGUKATLEHO Maphathe (okwesobunxele), egadulisana noMpilonhle Mazibuko weLerumo Lions.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ithemba ezitheni zeMilford ngokugoduka namaphuzu


Isitobha se-Upington City sithi ngeke baphisane ngamaphuzu

Mfanafuthi Ndlovu

SIGABE ngokuba sefomini kozakwabo isitobha se-Upington City ezovakashela iMilford FC koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h00, eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

I-Upington yenza kahle kulezi zinsuku njengoba emidlalweni ewu-7 inqobe emine.

Image

NGUKATLEHO Maphathe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UKatleho "KG" Maphathe oyisitobha se-Upington, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi balindele umdlalo onzima kwiMilford njengoba isasethubeni lokunqoba le ligi.

"Nginethemba lokuthi sizobuya nawo wonke amaphuzu. Okunginika ithemba wukuthi senza kahle kulezi zinsuku.

"Umdlalo wethu nabo ngeke neze ube lula ngoba basasembangweni wesicoco seligi.

"Kodwa-ke ngeke siphisane ngamaphuzu, sizolwa ngoba nathi sifuna ukuqeda endaweni ehloniphekile," kusho uMaphathe.

Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NAMUHLA NGOLWESIHLANU
ESolomon Mahlangu: Casric Stars vs Black Leopards 15h00.
ETuks Stadium: University of Pretoria vs Gomora United 15h00.
NGOMGQIBELO
EMhlathuze Sports Complex: Milford FC vs Upington City 15h00.
EThohoyandou: Venda FC vs The Bees 15h00.
KaNyamazane: Kruger United vs Midlands Wanderers 15h00.
E-Athlone: Cape Town City vs Hungry Lions 15h00.
ENelson Mandela University: Highbury FC vs Leicesterford City 15h00.
NGESONTO
EDobsonville Stadium: Lerumo Lions vs Baroka FC 15h00.