16 | Ezemidlalo
Friday, 17 April 2026
NGUWANDILE Duba (47), ejabula nozakwabo emuva kokushaya elinye lamagoli eChiefs, ibhaxabula iMagesi FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UKHATHAZWA wumkhuba omubi athi kufanele bawuyeka umgadli weKaizer Chiefs uma bezimisele ngokuqhubeka nokugudluza amakilabhu ami phambi kwabo.
IChiefs ibhudluze iMagesi FC ngo-4-1 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Amagoli eChiefs avalelwe enethini nguFlavio Silva, uWandile Duba, uMduduzi Shabalala noKhanyisa Mayo, eleMagesi lashaywa nguDiteboho Mofokeng.
NGUDUBA enza imigilingwane adume ngayo enkundleni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IChiefs isinqobe imidlalo ewu-5 ilandelana.
UDuba - oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo - uveza okufanele bakulungise uma bezimisele ngokuqhubeka nokubhudluza amakilabhu.
""Ngijabule kakhulu ngoba ngikwazile ukusiza ikilabhu yami ukuthi iwine lo mdlalo.
Kodwa ngikholwa wukuthi singenza kangcono kunalokhu.
"Kunomkhuba esilokhu siwujwayela, wokuqala umdlalo ngegiya eliphansi, siphaphame ngesikade.
"Uma imidlalo sizoyiqala ngegiya eliphezulu, singawina ngamagoli amaningi kakhulu,'' kusho uDuba.
Emdlalweni olandelayo, iChiefs izobhekana nePolokwane City kusasa ngoMgqibelo ngo-17h30 e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership ngale mpelasonto imi kanje:
NGOLWESIHLANU
E-Athlone Stadium: Stellenbosch vs Sekhukhune United 19h30.
NGOMGQIBELO
EDr. Petrus Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Siwelele 15h00.
E-Olympia Park: Orbit College vs Golden Arrows 15h00.
E-Orlando Amstel Arena: Orlando Pirates vs AmaZulu 15h00.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Kaizer Chiefs 17h30.
NGESONTO
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Richards Bay 15h00.
ESeshego Stadium: Magesi vs Durban City 17h30.