21 | Ezemidlalo
Friday, 17 April 2026
NGU-AYANDA Hlubi ongomunye wabadlali abaqokelwe eqenjini lesizwe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mzwamandla Zondi
UBONA ubunzima ezitheni abazobhekana nazo emidlalweni ewu-5 yeT20 International umqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lekhilikithi labesifazane, uMandla Mashimbyi.
Leli qembu lizobhekana ne-India kulolu chungechunge oluzoqala ngoLwesihlanu ngo-18h00, eHollywoodbets Kingsmead Cricket Stadium, eThekwini.
UMashimbyi umemezele abadlali abawu-15 azokube egadla ngabo kule midlalo, okubhekwe ukuba enze kahle kuyona njengoba bezilungiselela imidlalo yeT20 World Cup, ezosingathwa ngokubambisana phakathi kwe-England neWales ngoJune.
"Le midlalo esiya kuyona ne-India, inzima kakhulu njengoba sibuya kweminye enzima neNew Zealand. Kuningi engikufundile kwiNew Zealand.
"Ukudlala ne-India kuzosisiza kakhulu njengoba siya kwi-world cup. Ukunqoba noma ukwehlulwa, sizosebenzela phezu kwakho ukubhekana nezinselelo ze-world cup," kusho lo mqeqeshi.
NGUNONKULULEKO Mlaba ejabula nozakwabo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Selilonke iqembu elizodudulana ne-India lididiyelwe kanje: ULaura Wolvaardt (Fidelity Titans, uKaputeni), u-Anneke Bosch (Fidelity Titans), uTazmin Brits (DP World Lions), uNadine de Klerk (World Sports Betting Western Province), u-Annerie Dercksen (Garden Route Badgers), u-Ayanda Hlubi (Hollywoodbets Dolphins), uSinalo Jafta (DP World Lions), u-Ayabonga Khaka (DP World Lions), uSuné Luus (Fidelity Titans), *uTebogo Macheke (Fidelity Titans), u-Eliz-Mari Marx (Fidelity Titans), uNonkululeko Mlaba (Hollywoodbets Dolphins), uKayla Reyneke (World Sports Betting Western Province), uTumi Sekhukhune (DP World Lions) noChloé Tryon (DP World Lions).
Seyiyonke imidlalo yeSouth Africa ne-India imi kanje:
NGOLWESIHLANU
EHollywoodbets Kingsmead, eThekwini: South Africa Women vs India Women 18h00
NGESONTO
EHollywoodbets Kingsmead, eThekwini: South Africa Women vs India Women 18h00.
NGOLWESITHATHU
EDP Wanderers, eJohanesburg: South Africa Women vs India Women 18h00
NGOMGQIBELO 25 April
EDP Wanderers, eJohannesburg: South Africa Women vs India Women 18h00.
NGOMSOMBULUKO 27 APRIL
EWillowmoore Park, eBenoni: South Africa Women vs India Women 18h00.