15 | Izindaba
Friday, 17 April 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Kuningi ukudideka ngokungeniswa kwabantu abadala ekhaya. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook.
Mokete Sikhosana:
Ukungenisa abadala kuya ngendlela yalowo muzi. Kawutshelwa ngumuntu wakwesinye isibongo ukuthi ubafaka kanjani, futhi kawubafakelwa ngumuntu ongeyena owakini.
Nokuthula Mandlovu Gatsheni:
Izidalwa zakho uma zizikhulumela, uyalalela, ulandele ezikutshela khona.
Lizzy Msibi:
Uma ungahambisani nento umuntu ayikhulumayo, uhlushwa yini?
Yini nilokhu nikhuluma kabi ngomuntu, yingoba engakhulumi ngamadliso?
Yiyona nto phela eniyibongelayo leyo. Nezichitho nizithanda kabi.
SA Mponza:
Bafowethu, uma ungakaze uhlangane nenkinga yomsamo, vele ukhuluma noma yikanjani.
Nontokozo Veronica Zulu:
Ngiyabonga kakhulu baba Mkhize. Ulwazi osicobelela ngalo siyafunda imihla namalanga ngoba kasazi. 🙏🙏🙏
Dion Bandezi:
Umuntu nomuntu unendlela enza ngayo izinto zakhe. Uma ngithatha le ndlela asho ngayo uVVO, kusho ukuthi nami sengingowakwaMkhize.
Khoza TK:
Le nto yokungeniswa kwamadlozi idinga abantu bakulowo muzi, not wakomunye umuzi.
Nodumo Vumezitha Sdinani: Siyabonga Kakhulu Baba
Vuyokazi Mbewana:
Siyabonga Tata uMkhize. Thina sakhula ngamasiko, futhi sofa siwalandela. Bayeke abagxeki bagxeke, vele ngeke sikuthande sonke.
Asanda Gqiba:
Siyabonga baba Mkhize ngezimfundiso zakho.
Viva Schotho Mahlobo:
Azoze angeniswe nje lawo madlozi, kade ehambeleni kwasekuqaleni uma esathanda ukuhlala layikhaya?
Ihlabangane Elimhlophe Intshinga:
Ubangenise, kuthiwe lo owayebafaka akenzanga kahle. Wumsebenzi ongapheli lo.
Ufana nalokhu kokuthiwa wazalwa wembethe.
Nikiwe Zulu:
Kukholwa labo abakholelwayo kulokho, futhi okubasizayo. Siyabuka nje, kasisho lutho.
Anathi Ow Jnr Sweet:
Indaba yamasiko ufunda uze ufe ngoba inzima, and ngiyayihlonipha. Siyabonga. Masincele ulwazi, sihlanganise nesikwaziyo.
Hlengiwe Nzuza:
Mina ngafakelwa ngomunye umama, wangenzela into enhle, baphuma enganeni, babonga.
Khanyiieeh MaMvelaserh:
Baba siyabonga ngolwazi ngoba sigcina senza ngendlela ekungeyiyo ngenxa yokuzwa ngabantu.
Bongi Mthethwa:
Umuzi nomuzi unendlela yawo bakithi. Kasikwazi ukwenza izinto zemisamo ngendlela eyodwa.
Simphiwe Shumi Mchunu:
Kazi yena uyakwazi yini ukungenisa abantu abangasekho? 🤔🤔🤔
Noma ufuna siqashe yena njengoba eseseluleka nje?
Mayosi Madonsela:
NingamaZulu yini ningasazi isiZulu?
Luvuyo Vuyo:
Akakhulume nozalo lwakhe, hhayi thina sonke.
Mbuyiseni Cele:
Ngesikhathi ngifaka abadala ekhaya, bayofika nini kuNkulunkulu?
Mina ngifisa ukubafaka ezulwini?