11 |Ezikaqedisizungu
Friday, 17 April 2026
Angifuni ukuthi kuthiwe ngiyaziqhakstela...
We muntuza, kodwa mntanomuntu ungenzani? Ake usondele eduze gojasi, ngifuna ukususa lesi siphambano esibhalwe lapho kuwe, ngibhale igama lami.
Le mbali nguThandolwethu Zitha. Yintokazi ezifelayo ngokujima, ukufunda ne-soft life. Iyimodeli ngaphansi kweBoss Models, kanti futhi iyi-content creator.
Ngichazwa yileso smile sakho okungathi ngeseColgate bhebi. Ngaphezu kwalokho, ugqoke nombala engiwuthandayo. Usuleke sengathi ugeza ngobisi.
Nkosazane angifuni ukuthi kuthiwe ngiyaziqhakstela. Ngicela ungiphendule ngencwadi evulelekile. Uyiqale ngokuthi diye swidi lami lomkhuhlane, humbugs yami...Ngiyobe sengazi ukuthi uphendula mina❤️