10 | Ezokungcebeleka
Friday, 17 April 2026
Woza Nazo Mzala!
UNaledi Aphiwe usekhulile impela!
LE ntokazi enguNaledi Aphiwe (osesithombeni esingenhla), kuye kuthiwe iyedelela, kodwa muva nje, uMzala uvumelana nayo.
Phela le ntokazi itshele enye intokazi ebukeka njengoLamiez Holworthy, ukuthi kayime kancane, sekwanele manje.
Lokhu kulandela lapho le ntokazi enguRural Zulu Girl (osesithombeni esingezansi), ikhale khona ngokuthi iyahlukumezeka ezinkundleni zokuxhumana, abantu bayifanisa noLamiez.
Nokho-ke uNaledi uyitshele le ntokazi ngenkulu inhlonipho, wathi kubalulekile ukuthi ibe yiyo, ingakopeli kwabanye abantu, futhi kubalulekile ukuthi ibe nesitayela sayo.
Kababaningi osaziwayo abafana noNtencane, abangenayo impakamo
UMzala uthintekile ezwa uNtencane (osesithombeni esingenhla), ethumela umyalezo emsakazweni uKhozi FM, ebonga umakhelwane ngokumsiza ngemoto iyintsha sha, ngemuva kokuba izingane zivalele ukhiye wakhe ngephutha emotweni, kubo eGreytown.
UNtencane uthi bekumele ayocula emcimbini abemenywe kuwona, futhi nesikhathi sesimshiya, kodwa umakhelwane welula isandla, wamnika imoto yakhe ukuba aphuthume ngayo emcimbini.
Umakhelwane uthi usize uNtencane ngenxa yendlela ayiyona, okuyintobeko nenhlonipho.
Hhayi bakithi, uMzala akayazi into enje!
Kanti basekhona omakhelwane abanobubele ngale ndlela?
Aninike uMzala ikheli, ngoba ngathi kunobuntu kule ndawo enihlala kuyo.
Izenzo zobusathane zikaFaith,
ziyohlale zikumangaza!
EZINOMZALA zilokhu zibabazile!
Uthi sewukuzwe konke, kuqhamuke into entsha, ezokushiya umangele kuleli cala lesiboshwa esinguFaith Nongcebo Ntombela (osesithombeni esingenhla), lokubulala umyeni waso owayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, uCapt Zwelakhe Thomas Ntombela.
Hhawu ntokazi! Isibindi sokuluthwa yisiboshwa nize nakhe itulo lokubulala umyeni wakho?
Uze ubuzwe ukuthi ungakhetha bani phakathi kokuthi kufe izingane zakho nomyeni wakho.....wena uvele unikela ngomyeni wakho?
Hhayi ngeke, labo zankosi obahudula nasezinyaweni bakufanele impela, kawusiye umuntu wena.
Yeka ubuhle bakho, impela baqinisile uma bethi ikhiwane elihle ligcwala izibungu.