06 | Izindaba
Friday, 17 April 2026
Kubunjwa intsha yaseMpumalanga ngezemidlalo, ukulwa nezidakamizwa
Kulo mqhudelwano kuzobe kuhlangene zonke izikole zaseMpumalanga, kuzowinwa ama-trophy nejezi lebhola nele-netball
Thandi zondi
ABAHLELI bomqhudelwano wezemidlalo ozoba seMpumalanga, eHammarsdale, kusukela namhlanje ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto, bathi bafisa le midlalo ibe yindlela yokugqugquzela ubumbano nokuvundulula ithalente entsheni yakuleli lokishi.
UMnu Ntethelelo Lembethe onguSihlalo kwiMpumalanga Schools Sport, Arts and Culture, uthi inhloso enkulu yeMkhelele Tournament, wukugqugqu-zela intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni, futhi ingazibandakanyi nobugebengu.
"Sifuna izingane ziqoqeke. Kuba lula nakakhulu uma ziqoqwe zisencane, laphaya e-primary ngoba kuba nzima ukuzibamba sezingenwe yisiteji ema-high school.
"Uma isisekelo sengane sizoqala isencane, kulula kakhulu ukuyibumba ize ikhule," esho.
NGUMNU Ntethelelo Lembethe noMnu Zamo Shezi, bephethe amajezi ebhola nawe-netball, azohlonyulwa yizikole ezizobe ziqhudelana.
Uthi kulo msebenzi basebenza ndawonye nenhlangano ezimele, iChibi Community Upliftment Project, neSouth African Police Service (Saps).
"Silanda zonke izinhlaka ngoba sinenkolelo yokuthi ingane ikhuliswa wumphakathi wonke.
"Amaphoyisa wona anohlelo lokuhambela izikole, eqwashisa ngobugebengu nezidakamizwa.
Ngisho sekudlalwa, aphinde abe nesikhathi sawo esibekiwe, sokuyala izingane," kuchaza uLembethe.
Kukhuthazwa abazali ukuba bazeseke izingane zabo kwezemidlalo, noma kwezobuciko
"Sisebenza njengonxantathu; kuba uthisha, umzali nengane. Kulaba bantu bobathathu, kumele kube nobunye.
"Sigqugquzela nakakhulu abazali ukuthi izingane bazeseke uma zitshengisa ukuba nothando lwezemidlalo, noma okunye okuwubuciko.
"Akuzona zonke izingane ezizophumelela kwezemidlalo, kepha abanye bazovelela kwezithinta ubuciko.
"Njengoba iMpumalanga inosaziwayo asebephumele, sifisa iqhubeke nokuvundulula amaciko," esho.
Kulo mqhudelwano kuzobe kuhlangene zonke izikole zaseMpumalanga. Kunama-trophy awu-4 azowinwa, nejezi lebhola nele-netball kwabazophumelela.
Kuhlelwe kanje; kusasa ngoMgqibelo enkundleni
yezemidlalo yaseNdlulamithi High School, kudlala ama-high school ngo-08h00.
Ngeminye imininingwane ungaxhumana noMnu Lembethe, ku-067 749 2618.