04 | Izindaba
Friday, 17 April 2026
NGUBRAVO B, zokwemukelwa ngakubo, okuthiwa uyiphakamisile indawo yaKwaNongoma, ikakhulukazi iZululand.
Uzokwemukelwa ekhaya ngedili lomculo uBravo B
Mthobisi Sithole
UZOKWEMUKELWA ngedili lomculo uBravo B, ogama lakhe langempela nguLindokuhle Nsele, ozakhele udumo ohlelweni lukamabonakude, iBig Brother.
Ngomhla ka-25 kuyona le nyanga, (April), uzokwemukelwa kwiNongoma Big Night Music
Festival, Emcebo kaZulu Lodge.
Umhleli walo mcimbi, ngumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, osakaza uhlelo lukamaskandi uSigiya Ngengoma njalo ngoMgqibelo.
Uthe lo mcimbi uzosetshenziselwa nokuxwayiswa komphakathi ngobubi bokuhlukumezana ngokobulili.
Uthi bayaziqhenya kakhulu ngoBravo B, ngoba uyiphakamisile indawo yaKwaNongoma, ikakhulukazi iZululand.
"Nakuba engaphumelelanga, kodwa ukuphuma kwakhe isithathu kwabenze kahle kakhulu ohlelweni lweBig Brother, kusho lukhulu, kuyafana nokuthi uphumelele.
"Sizomemukela ngedili lomcimbi ukuze azibone ebalulekile," kusho uBingelela (osesithombeni esingezansi).
UBingelela utshele leli phephandaba ukuthi zikhona izipho ezihleliwe, azonikezwa zona uBravo B, kanti nabafuna ukufika nezipho, bamukelekile ngosuku lomcimbi.
Uthi ubonga kakhulu uMasipala waseZululand, ngokubamba iqhaza kulo mgubho. Ngokusho kwakhe, akusikhona nje kuphela ukwamukela uBravo B, kodwa ziningi izinhlelo ezizokwenzeka ngalolu suku.
"UBravo B uzosilekelela ukulwisana nesihlava esidlangile emphakathini wakithi. Ngakho-ke leli yithuba lokuthi sikhulume nomphakathi, siwufundise, siwunikeze usizo lokwelulekwa kwezinye izimo, ngoba sisebenzisana kakhulu nosonhlalakahle," esho.
Umcimbi ubophele amaciko ehlukene
Kulo mcimbi kuzoshiyelana inkundla uJumbo, uThokozani Langa, uLwah Ndlunkulu, iQwabe Twins, uMayoghurt, uGatsheni, uMzukulu, Ama-NND International, uMdumazi, uJaivazimnike, uNjabulo Langa, uStabilithi, uShenge waseHlalankosi, uNavigator, uMjolisi, uMashelela, iMfezemnyama, uMdabu Ngqulunga, uMashampula, iNkosi Yamagcokama nabanye.
Amathikithi omcimbi atholakala ngo-R150 eShoprite, Pick n Pay, eSpar, eTickets Pro, eComputickets naseWeb tickets.
Ayotholakala nasesangweni ngosuku lomcimbi. UMnyango wezamaSiko nobuCiko KwaZulu-Natal, uyingxenye yabaxhasi balo mcimbi, noMasipala iZululand.
mthobisis@ilanganews.co.za