19 | Ezemidlalo

Friday, 18 September 2026

Image

NGU-STEVE Mkasi.

Sesihoxile kwiKZNA isikhulu esalwa nomgijimi

Sithi sesibuya ngisho kodokotela ngenxa yengcindezi nokhwantalala

Mzwamandla Zondi

BATHI liphume nobovu abasubathi baKwaZulu-Natal ngesimemezelo sikaSteve Mkasi, sokuthi uyashiya ekuholeni iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA).

Lesi sikhulu sishiya nje, besivele simisiwe emuva kwempi yaso nomsubathi wamaRavens Athletics Club, uSphe Ndlovu, eyayikomunye wemigwaqo edumile yaseThekwini.

Ngemuva kwale mpi, uMkasi wamemezela ukuthi uhlaba ikhefu ekuholeni le nhlangano.

Nokho ngoLwesithathu ntambama, lesi sikhulu simemezele ukuthi siyashiya ekuholeni le nhlangano. Sithe sizoqhubeka nezinye izinto.

UMkasi uthi le nto (yempi) imphazamise kakhulu, kangangoba uze waya ngisho kodokotela ngenxa yengcindezi abe nayo.

Lesi sikhulu sishiya kwiKZNA nje, bekufanele siphinde sivele esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe.

"Kangiziqhenyi ngesigameko esenzeka phakathi kwami nomgijimi. Ekuqaleni kwesonto bengiye lapho engizoqondiswa khona ubugwegwe.

"Siqalile isigcawu ngoLwesibili, kube nzima kakhulu kimina ukuba ngihlale. Isimo sami sengqondo besingesihle. Ngisuke lapho ngaya kudokotela. Udokotela uthe uma ngiqhubeka ngizophindela esibhedlela, mangicabangele impilo yami.

"Kangikwazanga ukubuyela esigcawini ngosuku olulandelayo. Ngakho-ke nginqume ukuhoxa ekuholeni iKZNA.

"Ngifisela ozakwethu abasele namakilabhu ukuba bakhulise umdlalo wethu wezokugijima," kusho uMkasi.

Image

KWAKUNGONGAPHANSI nongaphezulu phakathi kukaMkasi nomsubathi.

Uqhube wathi isimo abhekane naso simphazamise kakhulu, kanti okumjabulisayo wukuthi usexolelene nomsubathi aba nempi naye.

"Lezi zinyanga ezimbili ezedlule zingiphazamise kakhulu, zaphazamisa nomndeni wami. Kakubanga lula ukuthatha lesi sinqumo.

"Bekusekuningi okuhle ebengisafuna ukukwenzela abagijimi, kodwa impilo yami ibalulekile kunezokugijima. Ngibonga kakhulu umndeni nodokotela wami ngokungeseka," esho.

Uthe bekufanele ngabe uhambe neqembu lesizwe eliya kwiWorld Road Running eDenmark, kodwa wakhetha impilo yakhe.

Uphethe ngokuthi ubazisile ubuholi bukazwelonke bezokugijima, yiKZNA, uMnyango wezeMidlalo wesifundazwe noThami Mchunu weKZN Sport Confederation ngesinqumo sakhe.