18 | Ezemidlalo

Friday, 18 September 2026

Image

NGABADLALI beDowns, ezobhekana ne-Al Ahli yaseSaudi Arabia.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IDowns isongelwa yizitha zaphesheya

Zizigqaja ngolwazi olubucayi eziluthole ngezinhloli ezizithumele kuleli

Senzo Sokhela

USONGELA iMamelodi Sundowns umqeqeshi we-Al Ahli yaseSaudi Arabia njengoba eveza ukuthi sebeluqoqe lonke ulwazi ngale kilabhu yaseNingizimu Afrika.

IDowns izobhekana ne-Al Ahli koweFifa Intercontinental Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eLoftus Stadium, ePitoli.

Le kilabhu izobhekana neDowns nje, ishaye udaka kowe-AFC Champions League ibambana ngo-1-1 nePakhtakor FC yase-Uzbekistan ngoMsombuluko ntambama.

Bekubhekwe ukuba iwunqobe lo mdlalo kwazise ibisekhaya.
Nakhona ikhave ngomzuzu ka-93, ikade yehlulwa ngo-1-0.

Image

NGU-EDUARD Mendy ongunozinti we-Al Ahli.

IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMarino Pusic ololonga i-Al Ahli, uthi sebedlulile kokwenzeke kwiPakhtakor, sebebheke lo mdlalo weSundowns.

"Sesinalo lonke ulwazi ngeSundowns, iyikilabhu enabadlali abahle futhi idlala kahle. Emasontweni edlule sithumele izinhloli zethu eNingizimu Afrika ukuba ziyoyibona, zabuya nalo lonke ulwazi ngayo.

"Siyibonile lapho ebuthaka khona, ngingasho nje ukuthi siyazi ukuthi sizoyibhodloza kanjani. Njengoba siza kuyona nje, mayilindele umlilo wodwa, futhi noma kanjani sizobuya nayo le nkomishi," kusho lo mqeqeshi.