14 | Izindabaย 

Friday,ย 18 September 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Umndeni uveza imizuzu yokugcinaย 
ka-Owen Ndlovu, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Mlungic Ntinga:
Leli zwe ngeke liphinde lilunge ngoba ababulali nabadlwenguli banikwa izigwebo ezintekenteke. Umuntu osejele uphila kahle kunomuntu ongaphandle. Mhla kwabuya isigwebo sentambo, liyoqonda leli zwe.

02


Ntombenhle Zulu:

Lafa izwe lethu sibhekile. Ngenelela Jehova. ๐Ÿ™๐Ÿ™๐Ÿ™

03


Ntethe Ndlovu:

Kodwa Jehova kanti leli zwe esiphila kulo linjani? Bebengeke nje bathathe imoto, bamshiye ephila? Lala uphumule Gatsheni, Boya Benyathi.

04


Kwenzokuhle Sithembiso Phuthini:

Impilo inzima. Sesizosaba koze kube nini thina siqedwa vele?ย 

05


Mike KaFisela Wakwa Sibiya:

Ulale kahle Zingelwayo, sengathi ungazilwela kulabo abathathe umphefumulo wakho.๐Ÿ˜ข๐Ÿ˜ข๐Ÿ’”๐Ÿ’” Hawu madoda! Kade ngibona umfana wakho nje la eDannhauser ngesonto eledlule ๐Ÿ™†โ€โ™€๏ธ๐Ÿ™†โ€โ™€๏ธ

06


Mantombi Gumede:

Nkosi yami, kanti wayaphi unembeza ebantwini? ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ˜ญ

07


DT Ndlovu Ndlovu:

Cha kodwa Nkosi yami bayozilanda abazenzile kulo mhlaba. Ngithi dudu kinina boBoya Benyathi, ukhona umnikazi wezimpi. ๐Ÿ˜ฎโ€๐Ÿ’จ

08


Khosi Ngcobo:

Gauteng ungubani naaaaa? Kwaze kwanzima ezweni.

09


Irene Mthethwa:

Kwaze kwanzima ezweni lethu. Sale sewubuya Jesu. ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”

10


Alwande Amangxongo Mhlebi:

Nisola umkakhe kanjani esezinhlungwini? ๐Ÿ˜ช๐Ÿ˜ช

11


Mandu Lindani Zindela:

Ubugebengu budla lubi kwelakithi, asiphephile ezweni.

12


Sipho Msweli:

Kazi sibulawelwani ezweni lethu? Hawuuuu kodwa babulali niyizinja. ๐Ÿ˜ญ

13


Mkhumbuleni Sicelo Hadebe:

Lifile izwe madoda. Izinto zenzeka kalula, mhlawumbe futhi akukaboshwa muntu.

14


Dumisani Nkosi:

Hhayi muzi omnyama sekwanele manje, asiyekeni ukubulalana sodwa.

15


Mahlengi Ndaba:

Uphi u-president waleli zwe, uthule uthini uma kunje?

16


Siphiwe M Cebekhulu:

Kodwa hulumeni sizofa kuze kube nini, sibulawa yizigilamkhuba?

17


Jabu Madani:

Kwaze kwanzima ezweni! Sengathi umphefumulo wakhe, ungaphumula ngokuthula, nomndeni ududuzeke!
๐Ÿ’”๐Ÿฅบ๐Ÿ’”๐Ÿฅบ