02 | Izindaba
Friday, 18 September 2026
UKUNGAFIKI kwamalungu ePhalamende, kuphoqe ukuba lingahlali ikomidi lePhalamende lesikhashana, eliphenya izinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, ezavezwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni esingenhla), ngonyaka owedlule.
Leli komidi bekulindeleke ukuba lihlale ngoLwesithathu ebusuku, liqedele ukuhlanganisa umbiko osekunesikhathi eside ulindelekile.
Lo mbiko bekumele udluliselwe ezinhlakeni ezifanele ngoLwesihlanu olwedlule, kodwa kwangenzeka njengoba leli komidi licele ukwelulelwa isikhathi.
USomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza, ube eselelulela isikhathi, wabeka ukuphela kwenyanga ezayo njengosuku okumele leli komidi lidlulise umbiko.
USihlalo waleli komidi uMnu Soviet Lekganyane, unqume ukuthi lingaqhubeki nokuhlala leli komidi ngoba belinamalungu awu-5 kwawu-11.
I-IEC isiluqedile uhlu lwamakhansela azongenela ukhetho
INHLANGANO eyengamele ezoKhetho kuleli i-Electoral Commission of South Africa (IEC), iqinisekise ukuthi seyiqedile ukuhlanganisa uhla lwamakhansela azongenela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuNovember.
Lokhu kuqinisekiswe yisikhulu esiphezulu esengamele ezokhetho uMnu Sy Mamabolo. UMamabolo (osesithombeni esingenhla), uthi okhethweni lwakulo nyaka kuzoncintisana abawu-136 790 kwezobukhansela.
Laba bazobe bebanga izihlalo eziwu-10 526.
Le nhlangano inxusa amaqembu ezombusazwe ukuba okhethweni olulandelayo, aqinisekise ukuthi baba baningi abesifazane nentsha okuzofoloswa ngabo okhethweni.
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uhlenge amanye amahhovisi akwaSassa KwaZulu-Natal, okuthiwa akweleta omasipala imali yerenti.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Dina Pule (osesithombeni esingenhla), ephendula imibuzo ePhalamende ngemali ewu-R18 million, okuthiwa iSassa iyikweleta omasipala bakuleli.
Kuthiwa eKZN, amahhovisi akwaSassa akweletayo kubalwa kuwo elikwaDukuza, eliseNew Hanover, eliseLamontville nelise-Umnini.
UPule uthi nakuba amanye ala mahhovisi ekweleta omasipala, kodwa amanye ayakuchitha lokhu, njengoba omasipala bewakhokhisa ngezivumelwano ezindala.
"KwaDukuza, iseLamotville nase-Umnini, omasipala bakhokhisa iSassa ngezivumelwano esezaphelelwa yisikhathi.
"ENew Hanover, iSassa inokungaboni ngasolinye nomasipala ngenxa yendawo abasebenzela kuyo, iThusong Service Centre.
Lo mdonsiswano usudonse iminyaka emithathu," esho.
Luseyinkinga elomasipala abangakwazi ukuzenzela imali
IHHOVISI likaMgcinimafa KwaZulu-Natal, likholwa wukuthi kumele kwenziwe ushintsho komasipala ababili, ababhekene nezinkinga zemali, okuyiMooi Mpofana nowaseMpendle, ngaphansi kukaMasipala wesifunda uMgungundlovu.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMali eKZN, uMnu Francois Rodgers (osesithombveni esingenhla), ngoLwesithathu. URogers uthi kuyakhathaza ukuthi labo masipala behluleka wukuphatha imali ngendlela.
Uthi inkinga enkulu yalabo masipala wukuthi bathembele ezibonelelweni zikahulumeni, kabakwazi ukuzenzela eyabo imali.
Uthi ukholwa wukuthi kumele kushintshe ubuholi obukhona ukuze bakwazi ukusebenza.
Udaba lwezinkinga zemali kulabo masipala luke lwaba sematheni eminyakeni edlule.