08  | Izindaba

Friday, 16 October 2026

Zithela izithelo ezinhle izimfundiso zikaninakhulu kumlimi osemncane 

Image

UMNU Lindelani Mthembu (26) ozobe eyingxenye yemincintiswano yabalimi

John Hlongwa

UMTHENTE uhlaba usamila kumlimi osemncane uMnu Lindelani Mthembu (26) wakwaHlaza, eMpangeni oqokwe emncintiswaneni iSouth African Agricultural Awards, azokuba namhlanje ngoLwesihlanu eSandton Convention Centre, eGoli.

Le nsizwa iqokwe emkhakheni iRural Transformative Farmer Organisation.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto uMthembu uthe: "Ngijabule kakhulu ngokuqokwa ngibe yingxenye yale miklomelo. Ngikholwa wukuthi izonginika ithuba elanele ukuthi uvele umsebenzi engiwenzayo emphakathini,"esho.

Image

Uthi ukhuliswe nguninakhulu, bekuthi njalo uma eya kolima emasimini, ahambe naye.

"Ngiqale kanjalo ukujwayela ukubamba igeja. Langa limbe kufike umeluleki weZolimo, wangeluleka ngokuthi lokhu engikwenzayo kuwusizo emphakathini futhi ngingakwazi ukuziphilisa ngakho. Ngiqale lapho-ke ngafuna indawo evulekile," echaza.


Uqhube wathi unendawo enkulu alima kuyona engamahektha (hectare) awu-8. Uthi ulima ubhatata namathanga. Uthi inselelo abhekana nayo ngeyesomiso nendawo yokudayisa.

Image

UMthembu ukhuthaze intsha ukuba ingene kulo mkhakha.

Okhulumela abe-South African Agricultural Awards, u-Ayanda Mnguni uthe sebemi ngomumo ngalo mcimbi. "Silindele abantu ababalelwe ku-3200 abazoba yingxenye yawo. Sekungokwesine lemi klomelo ibakhona.

Kulo nyaka silindele okukhulu kakhulu,"esho. Kule miklomelo akuvotwa kodwa uqokwa ngokomsebenzi wakho.