06  | Izindaba

Friday, 16 October 2026

 Yethulwa eNew York ifilimu yaseMzansi

Omunye wabadidiyeli uthi lokhu kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika isikulungele ukuqhathaniswa namanye amazwe kwezamafilimu...

Image

Lucky Cain

IZOKWETHULWA okokuqala phesheya kwezilwandle ifilimu yakuleli esihloko sithi, Confessions of a Gold Digger: I Hate Loving My Boss! egabe ngabalingisi abanohlonze.

Le filimu ezoze ikhonjiswe kuleli ngonyaka ozayo, izoqala ukukhonjiswa kusasa ngoMgqibelo kwi-ALZA Festival eNew York,
e-United States of America.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngabakhiqizi bale filimu, sithi imayelana nowesifazane ongenza noma yini ukuthola umsebenzi. Lona wesifazane nguShoki Makeba odlalwa ngu-Amohellang Magane, oba nenhlanhla yokuqashwa ngusozigidigidi uSbu Buthelezi odlalwa nguWonder Ndlovu.

Image

Lokhu kuvula amathuba amaningi kuShoki nempilo yakhe iyashintsha, okuyilapho kuqala khona ukuhlukumezana phakathi kwabo.

Le filimu ididiyelwe nguDuncan Irvine noThokozani Nkosi, ibhalwe nguTracey-Lee Rainers no-Andrina Moodley.

Image

Uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi iNingizimu Afrika isikulungele kangakanani ukuqhathaniswa namazwe omhlaba uma kuyiwa ngasekukhiqizeni amafilimu. Abanye abalingisi kule filimu kubalwa uPhalang Phale no-Amstrong Koko.

Image

INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuzibonakalisa emazweni omhlaba ngemikhiqizo yakuleli enohlonze. Kuzokhumbuleka ukuthi amafilimu okubalwa kuwo iTsotsie, Jerusalem nemidlalo efana nePolygamist noMthetho, yenza kahle kakhulu kwibalazwe lomhlaba.