04 | Izindaba
Friday, 16 October 2026
Lo somahlaya usanda kuba sematheni ngokulaxaza iVuma FM...
Le ntokazi ithi izokwenza okuphindiwe kulo mcimbi
Ngusomahlaya uCeleste Ntuli ozoqhulula amahlaya emcimbini ozoba seMfolozi Casino.
Lucky Cain
UBUYELA ekhaya usomahlaya osanda kuba sematheni ngokulaxaza umsakazo iVuma FM, uCeleste Ntuli, ozoqhulula amahlaya emcimbini ozoba seMfolozi Casino, eMpangeni ngomhla ka-24 kwephezulu.
UCeleste odabuka khona eMpangeni, sekunesikhathi agcina ukujabulisa omkhaya bakhe njengoba ezobe enandisa emcimbini obizwa nge-A Blind Date Comedy Show. Kuwona uzobe ehambisana noSandile Flymotion Makhanya, naye ongomunye wosomahlaya asebezakhele igama kulo mkhakha.
Ngumhleli womcimbi wamahlaya uSandile Flymotion Makhanya.
UCeleste oseke wabonakala emidlalweni kamabonakude eyahlukene okubalwa Isibaya, The Polygamist neminye, kulindeleke ukuba ashiye omkhaya bakhe kubuhlungu izisu.
Le ntokazi okuvele ukuthi sekuphele iminyaka inganandisi edolobheni langakubo, ithi izimisele ukwenza okuphindiwe ukuqinisekisa ukuthi abathamela lo mcimbi ibashiya bethokozile.
UFlymotion ongumhleli walo mcimbi uthe:
Unxuse abantu baseMpangeni namaphethelo ukuba bathenge amathikithi.
"Kuzobasiza abantu ukuba basheshe bawathenge ukugwema ukuphoxeka ngoba asazi ukuthi ngosuku lo mcimbi azobe esekhona yini," esho.
Uthe amathikithi atholakala ngo-R250 eWebtickets nasezitolo zakwaPick n Pay.