Izindaba | 05
Thursday, 16 May 2025
YISIBHEDLELA iChurch of Scotland esiseMsinga.
Thandoluhle Ngubo
ZIKHALA ngosizi lwamanzi ezibhekene nalo izisebenzi zesibhedlela esiseMsinga, iChurch of Scotland, ezithi sekuphele isikhathi eside engekho.
Lezi zisebenzi zakulesi sibhedlela esilalisa iziguli izingaphezu kuka-300, zithi isimo sinzima kuzo, ikakhulukazi lezi ezihlala ngaphakathi kanye nasezigulini ezilaliswe kuso. Imithombo yaleli phephandaba engaphakathi kulesi sibhedlela ithi, isimo besinzima kakhulu kula masonto amabili edlule.
"Mina ngisebenza ngihlala lapha ngaphakathi. Indaba yethu yokungabi namanzi yinto endala kakhulu lapha eMsinga, lapha esibhedlela kuke kwaba ngcono phakathi kuka-2023 nonyaka odlule ngesikhathi izikhulu zesibhedlela zisilungisela indaba yamanzi, kwafakwa ama-boreholes namathangi, sakwazi ukuthola amanzi. Kulo nyaka isimo siqale phansi.
"Sikhuluma nje thina esihlala ngaphakathi, amanzi okugeza siwakha emfuleni ongezansi kwesibhedlela, awokuphuza siyawathenge. Iziguli zilethelwa ngamalungu omndeni asuke ezivakashele, amanye ahanjiswe yithi," kusho umthombo.
Uthi inhlanzeko yeziguli kayikho ezingeni elifanele, njengoba kokunye kuphoqa ukuthi zingagezi. Uthi bayafisa izikhulu zesibhedlela ziyisukumele indaba yamanzi ngoba kuningi okonakalayo uma engekho.
Leli phephandaba likhume nosihlalo wenyunyana okuthiwa imandla kulesi sibhedlela iHealth and Other Service Personal Trade Union of South Africa (Hospersa), uNkk Nonhlanhla Sokhela, oveze ukuthi udaba lwamanzi lukhathaza uMsinga wonkana.
"Ziningi izikhalo esizitholile esikhathini esedlule. Esikwaziyo wukuthi njengamanje esibhedlela kusebenza uhlelo lwaso lwesibili (backup plan), okwenza amanzi aphume ngezikhathi ezithile, bese eyavalwa ukuze kugcwaliswe amathangi.
"Lokhu kungenxa yenkinga ekhona eMsinga ngoba nasemakhaya amanzi kawekho. Angikucacise ukuthi akekho umhlengikazi noma isisebenzi somnyango esiphoqiwe ukuthi sihambisele iziguli amanzi, kodwa ngoba nazo izisebenzi zinonembeza, ngeke ziyeke iziguli zingenawo amanzi," esho.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnu Nathi Oliphant uthe bazolandelela kuMasipala wesiFunda Umzinyathi, ukuthola ukuthi inkinga yamanzi ikuphi.